EzakamuvaIbhola

Usola iChiefs ‘ngoncisha’ uBilliat ithuba uHlompho Kekana

Njabulo Shezi

UHlompho Kekana, owake wadlala noKhama Billiat kwiMamelodi Sundowns, useqhamuke neseluleko asibhekise kulo mdlali ngesimo abhekene naso kwiKaizer Chiefs. 

UBilliat ujoyine iChiefs ngo-2018 esuka kwiSundowns la ayeyiqhawe elinofakazi khona. Kodwa njengamanje uzithola ephelelwe yinkontileka kwiChiefs. 

Leli qembu libika ukuthi liyafisa ukumelulela inkontileka kodwa nguye ovele wangena ezintangeni, futhi akasatholakali nasezincingweni. 

Nokho uHlompho Kekana ukholelwa ukuthi iChiefs yenza iphutha ngalo mdlali oneminyaka engu-32. 

“Angazi noma iChiefs iyayazi ngempela yini into eyenzayo, ikakhulukazi ngabadlali bayo abayizihlabani,” usho kanje uHlompho Kekana kwiSoccerZone. 

“Njengeqembu elikhulu, iyabadinga abadlali bayo abenza kahle. “Yebo, uKhama, kule minyaka emithathu edlule, akenzanga kahle. 

“Ubengazinzi eqenjini ngenxa yokulimala njalo,” kuchaza uKekana kulolu hlelo lweSABC 1.

“Kimina, ngingazama ukumbuyisa, ngimnciphisele iholo bese ngimnika iminyaka eyengeziwe… Njengomdlali, udinga isiqiniseko somsebenzi isikhathi eside. 

“Uma ngifuna ukudlalela wena, kodwa wena unginika inkontileka yezinyanga eziyisithupha, angikwazi nokuzibonakalisa ngalezo zinyanga ngoba ngisuke ngidlala ngaphansi kwengcindezi.

“Lincane ithuba lokuthi ngiveze kahle ikhono lami ngokukhululeka kulezo zinyanga eziyisithupha… Sikhuluma ngefomu lapha.

“Njengomgadli, wahlulelwa ngefomu ikahulukazi uma ungumgadli, kubhekwa amagoli owashayayo kakhulu. ”

UKekana, owayengukaputeni weSundownsuthe ukube ubenguBilliat ubezocabanga ngokuyodlala phesheya.

Ngokusho kukaHlompho Kekana, ukuya kwelinye iqembu kuleli kuzomfakela enye ingcindezi engase imcindezele. 

“Ukube benginguye, bengizothatha indlela ethuthela (e-UAE) ukuze ngiqale kabusha endaweni lapho ngingenangcindezi khona.

“ENingizimu Afrika, kuzoba nzima kuyena ngoba kule minyaka emithathu edlule akadlanga ibhola aziwa ngalo. 

“Njengomgadli osezingeni likaKhama, ukalwa njengomdlalo wakho wokugcina. Kulindeleke ukuthi ushaye amagoli ngoba usikhombisile phambilini ukuthi ongakwenza lokho.” 

FUNDA NALA: UTshego Mabasa ubageze igilo abebemngabaza kwiBafana

UBilliat ubengakasimemezeli isinyathelo sakhe esilandelayo njengoba kubukeka ehamba nje kwiChiefs. 

Kodwa kubikwa ukuthi kukhona amaqembu amfunayo enyakatho ne-Afrika naseMiddle East.