Livuliwe isango kumdlali wePirates ‘olimala njalo’
Ngokwemithombo engaphakathi, i-Orlando Pirates ihlela ukudedela abadlali abaningi ekupheleni kwesizini.
Kuvela negama lomgadli uKermit Erasmus kulawo abadlali abangase badedelwe kumaBhakabhaka.
IPhakaaathi ibika ukuthi leli qembu liqoke ukungayiluli inkontileka yalo mgadli owake wagijima kwiCape Town City neMamelodi Sundowns, ezophela ekupheleni kukaJuni.
Isinqumo sokungayivuseleli inkontileka ka-Erasmus sibangelwa ukukhathazeka ngerekhodi lakhe lokulimala.
Kuthe sekumele kuqalwe izingxoxo ngoJanuwari, kwatholakala ukuthi usalimele okwenze iqembu liyicabangisise kahle indaba yakhe.
“NgoJanuwari, iqembu belifuna ukuvula izingxoxo noKermit mayelana nenkontileka entsha,” kuchashunwe umthombo usho kanje.
“Bekuzokwengezwa unyaka owodwa. Kodwa walimala nokwavele kwaphazamisa yonke into.
“Manje umuzwa ojwayelekile ukuthi uKermit ujwayele ukulimala futhi ikilabhu ayifuni ukuvuselela inkontileka yakhe…
“Uchitha isikhathi esiningi egumbini lokwelashwa. Ngakho-ke, banqume ukumdedela,” kusho umthombo.
FUNDA NALA: I-PSL isikhiphe imininingwane yeNedbank Cup
Ujoyine iPirates esuka kwiSundowns ngoSepthemba 2022. U-Erasmus usedlale imidlalo engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini, washaya igoli elilodwa.

