UMemela uveza okwenza walaxaza iPirates esayithanda
Owayeyisithandwa sabalendeli kwi-Orlando Pirates, uLuvuyo Memela, uveza okwamenza washiya iBucs kungazelele muntu ngo-2020.
Abalandeli bePirates basala bezibuza ukuthi yini exoshe lo mdlali ngesikhathi seCovid-19.
ULuvuyo Memela ujoyine lezi zinkunzi zaseSoweto esuka kwiCape Town All Stars ngo-2015.
Ushaye amagoli angu-15, wasiza ukwakha angu-28, emidlalweni engu-95 ayidlale egqoke imibala yeBucs.
Ukushiya kwakhe ajoyine AmaZulu FC kumangaze abaningi ngesikhathi izwe likhungethwe yiCovid.
Ekhuluma neFARPost muva nje uthe ukwehliswa kweholo lakhe yisona sizathu esenza ukuthi ashiye iPirates.
“Kwakufana nokuthi sinesivumelwano ngoba sasinezingxoxo mayelana nenkontileka entsha,” kusho lo mdlali owaziwa ngelika-Amigo.
“Sasinezingxoxo, kodwa uyazi nawe ukuthi izinto zazihamba ngonyawo lonwabu ngemuva kweCovid-19.
“Sasixoxisana kodwa ngangingajabule ngalokhu ababekubeka etafuleni. Ngakho iqembu lakwenza kwacaca ukuthi, ‘uma ungakuthathi lokhu esikunika kona, siyaqonda futhi akukho okubi lapho’.”
Lo mdlali wayengomunye walabo ababedlala kahle kakhulu kwiPirates ngaleso sikhathi.
“Uma ungajabule kungani kumele uvume into owaziyo ukuthi emasontweni ezayo noma ngokuphela kwenyanga, uma usuhola uzosala uthi ‘namanje angijabulile,” kusho uLuvuyo Memela.
“Kwakungeyona into engangiyifuna, yize ngangilithanda iqembu.
“Kodwa ngesinye isikhathi uma izinto zingahambi njengoba bewulindele, uzogcina ungewena.
“Uzohlala udiniwe, ulwa okuyinto ongeyona. Uma ungajabulile, bayakuqonda lokho.
“Ngabe sengicabanga ukuthi vele ngeke kushintshe ngakho kwakumele ngikuhloniphe lokho.”
FUNDA NALA: Bahlose lukhulu ngebhola lezikole abe-Apemo
ULuvuyo Memela usedlalela iChippa United. Ubukeka eneme khona futhi ekuthokozela nokudlala ibhola.

