EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Aseqalile amaqembu ayiphendula umkhoma iMaritzburg United

By Njabulo Shezi

IMaritzburg United seyiphenduke umkhoma njengoba ibhekene nengozi yokudliwa yizembe kwiDStv Premiership nje – amanye amaqembu aseqalile atheza kuyo. 

Kusanda kuvela ukuthi i-Orlando Pirates ifuna leli qembu laseMgungundlovu liyidayisele uKarim Kimvuidi ogijima esiswini.

Lo mdlali odabuka eCongo DRC ngomunye wababonakala bedlala kahle kwiMaritzburg United yize nje imuka nomfula. 

Manje sekuvele imibiko ethi AmaZulu FC asevele ayishaye ngemanta iMatitzburg United njengoba esesayine umgadli wayo odabuka eFrance, u-Amadou Soukouna.

Ngokubika kwabeSABC Sport, Usuthu selusayinise lo mdlali inkontileka yesivumelwabo sokuthi uma kuphela le anayo neTeam of Choice, uzoza kulo. 

Kuyaxaka ke uma lokhu sekwenziwa yiwo AmaZulu ekubeni wona akhala kwaze kwacishe kwabizwa izicimamlilo ngesikhathi iKaizer Chiefs yenze okufanayo kuwo.

IChiefs yasayinisa uSiyethemba Sithebe inkontileka yesivumelwano, umengameli waMaZulu uSandile Zungu waze wasabisa ngokuya kwiFifa ekhala ngokubanjwa ngophondo. 

USithebe waze wanqatshelwa ukujima noma ukudlala eqenjini elikhulu, wahlala izinyanga eziyisithupha ejima kuphela.

IMaritzburg United yona ixhopheka kubadlali bayo nje kuthiwa beyisamile ukuxoxisana nabo njengoba isagxile ekutheni ivike izembe.

Vele ke uma yehluleka ukulivika izembe, kuzomele ivele ibadedele abanye abadlali uma seyiyodlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Isimo sibi kuleli qembu, iMaritzburg United yiyo ehlezi emsileni kwiDStv Premiership futhi uma ingakwazanga ukunqoba kule midlalo esele, kuyobe sekubhedile. 

FUNDA NALA: U-Itumeleng Khune ungena ezintangeni ngekusasa lakhe kwiChiefs

Futhi ke ngaphezu kokunqoba eyayo imidlalo, sekumele ithandazele nokuthi eyamanye amaqembu esezembeni nayo ivune yona. 

Okunzima ke wukuthi iselalelwe yiStellenbosch ezobhekana naso kule mpelasonto ekhaya, bese iyovala ngeMamelodi Sundowns ekuhambeni.