Seyijikile inkulumo kwabaseTunisia ngokusayina uBroos
SIHLE NGUBO
Sebeyaphika abaseTunisia ukuthi bathe umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usesayinile ukuthi azoqeqesha iqembu lesizwe lakhona.
Kube nemibono ehlukene kubalandeli bezemidlalo ngoMsombuluko, ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi lo mqeqeshi waseBelgium angase alaxaze iBafana ayoqeqesha iTunisia.
Nokho intatheli yaseTunisia iphikile ukuthi bona bake bakusho ukuthi uHugo Broos usesayinile, nokuthi useshoda ngendlela yokuphuma kwinkontileka yakhe neSafa.
“Asishongo thina ukuthi uHugo Broos usesayinile neTunisia Football Association,” kusho intatheli yaseTunisia u-Ahmed Adala kwiRadio 2000.
“Esikushoyo ukuthi sekuseduze asayine. NgoFebhuwari 22 satshelwa ukuthi yinto eyenzekayo futhi yena usevumile. Noma angakuphika lokho yena manje.”
Kodwa phambilini bebebike ukuthi uBroos useswele indlela nje yokuphunyuka kwinkontileka yakhe.
“I-Mosaïque FM ithole ukuthi u-Hugo Broos usevumelene ne-Federal Office nokuthi izinhlangothi zombili seziqala ukuzwana ezingxoxweni futhi sekusondele bavumelane,” kubika lesi siteshi.
“Inkinga wukuthi lo mqeqeshi waseBelgium kumele aqale athole indlela yokunqamula inkontileka yakhe neSouth African Football Association (Safa), kwazise usengumqeqeshi weBafana Bafana.
“Noma kunjalo ngokwemithombo ye-Mosaïque FM, uHugo Broos unakho konke okudingeka kumqeqeshi olandelayo weTunisia.
“Unakho konke ikudingwa yimibandela yokuqala ebekwe umqondisi wezokuqeqesha kwiTunisia Football Federation, uBelgacem Malouche, ekukhetheni umqeqeshi omusha weCarthage Eagles.
“Futhi uma nje sekuphothuliwe imicikilisho yokunqamula inkontileka yakhe neSafa, uHugo Broos uzoqala ngokushesha umsebenzi wakhe wokuba umqeqeshi weqembu lesizwe laseTunisia.”
Kuvela nokuthi kukhona abasethimbeni lakhe kwiBafana angase ahambe nabo ukuya kwiTunisia.
FUNDA NALA: ‘Isimo esithile’ sisalise u-Andile Dlamini kwiBanyana
“Uzosekelwa emsebenzini wakhe omusha, uzozikhethela amaphini akhe kulabo aseke wasebenza nabo phambilini.”