EzakamuvaIbhola

‘Isimo esithile’ sisalise u-Andile Dlamini kwiBanyana

Uzobe engekho unozinti wokuqina weBanyana Banyana, u-Andile Dlamini, uma iqembu lakuleli selitholana phezulu neNigeria emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic.

Lo nozinti kuvela ukuthi ngeke esaba yingxenye yeqembu lesizwe, ngenxa yesimo esithinta ukuxilongwa okuthile ngokwezempilo.

“Sizobe singenaye u-Andile Dlamini ohoxile ngenxa yesimo esithile esithinta impilo,” kusho uDesree Ellis oqeqesha iBanyana.

“Sineqoqo labadlali abahlale belindile uma kukhona umdlali ongeke abe khona. Ngakho lokhu ngeke kuwaphazamise amalungiselelo ethu kakhulu.

“Sibuka lesi simo bese sibone ithuba komunye umdlali ukuthi aphakamise isandla sakhe.”

Ukungabi khona kuka-Andile DLamini kuchaza ukuthi iBanyana Banyana isele noKaylin Swart, uKatlego Moletsane, noDineo Magagula. Kukhona nomunye unozinti okulindeleke ukuthi ajoyine iqembu. 

Nokho kukhona okujabulisa umqeqeshi weBanyana ngaphambi komdlalo wabo neNigeria.

“Ngaphandle kokungabi khona kwabadlali ababalulekile, uDlamini nabanye ababili uKholosa Biyana noWendy Shongwe, ngijabule,” kuqhuba uDesree Ellis.

“Ngijabule ngokuthi sinoFifi, uMbane uGamede noHolweni, ababuya ekulimaleni. 

“Lokhu kuyayijabulisa kakhulu inhliziyo yami ngoba labo abadlali abanamava.

“Amava kulokhu azosisiza kakhulu kulesi simo ngoba kungase kushube, siyabazi abalandeli baseNigeria banjani. 

“Bazobe bememeza begqugquzela iqembu labo. Siyawadinga lawo mava ukuze sidlule kule nselelo.”

INingizimu Afrika neNigeria bazobhekana emlenzeni wokuqala ngo-Ephreli 5, eMoshood Abiola Stadium, e-Abuja. 

Umdlalo uzoqala ngo-6 ntambama ngesikhathi sakuleli. Umdlalo womlenze wesibili uzokuba ngo-Ephreli 9 eLoftus Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.