EzakamuvaIbhola

IPirates ihlawuliswe yiPSL ngokujikijela kwabalandeli

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates seyihlawulisiwe yiPremier Soccer League (PSL) ngesenzo sabalandeli bayo sokujikijela beqondise konompempe emasontweni edlule.

IBucs yayibhekene neMagesi FC ngesikhathi abalandeli bayo bejikijela. Lowo mdlalo weCarling Knockout wagcina uphele ngo 3-2 kanti iMagesi yake yahamba phambili ngo 3-0.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi namuhla i-Orlando Pirates FC ivelile phambi kwekomiti lePSL eliqondisa ubugwegwe ukuzophendula mayelana nokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo, lapho bajikijela bebhekise konompempe emdlalweni wabo neMagesi FC,” kusho umshushisi wePSL uZola Majavu esitatimendeni.

“IPirates ilivumile icala yase ihlawuliswa ngendlela efanele…bahlawuliswe u-R100 000 kanti uhhafu wale mali ulengisiwe izinyanga ezingu-12, ngombandela wokuthi bangazitholi benecala elifanayo.

“Uma bengatholakala necala elifanayo sizodedelwa isigwebo baphinde bakhokhe nesecala elisha. Baphinde bayalelwa ukuthi bakhokhe izindleko zokuhlalelwa kwecala.”

Lokhu okwenzeka kwiPirates kulindeleke ukuthi kwenzeke nakwiKaizer Chiefs maduze nje. Abalandeli beChiefs bangene enkundleni ngesikhathi ibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Cup eFNB Stadium, ngoMgqibelo.

Leli qembu laseNaturena lingase lithole isigwebo esikhulu ngoba ngenyanga edlule belisanda kukhokha u-R150 000 (kwalengisiwa u-R50 000) nakhona kwavuka necala langesizini edlule.

Maningi amathuba okuthi iChiefs igwetshwe ukuthi bangabi khona abalandeli emdlalweni wabo othile ngenxa yesenzo sangempalasonto.