EzakamuvaIBafana Bafana

Ukaputeni weBafana Bafana uncoma ukuba yisilomo kukaRele Mofokeng

SIHLE NGUBO

Ukaputeni weBafana Bafana, uRonwen Williams, uncoma amagalelo kaRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates, ambiza ngesilomo somdlali waseNingizimu Afrika.

Lo mdlali wenza ezibikwayo eqenjini lakhe eZimnyama, aphinde afike aqhakaze eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

URele ongomunye wabadlali okulindeleke ukuthi bangasali uma umqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos, esememezela iqembu azogadla ngalo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.

IBafana Bafana izovula imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngokubhekana neMexico, okungumdlalo okumele izame ukungehlulwa kuwona.

”Ngesikhathi uRelebohile Mofokeng efika ekhempini yeBafana Bafana ngangimbukela eduze ngimcubungula ngoba wayesanda kushaya igoli kimina emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup,” kusho uWilliams ophinde abe ukaputeni weMamelodi Sundowns uma engadlali uThemba Zwane.

“Ngangifuna ukubona ukuthi uzoziphatha kanjani kulandela ukwenza kahle emdlalweni omkhulu esikhathini esingangeviki esedlule, eminyakeni anayo.

“Ngathola ukuthi uzithobile, uhlale eneme futhi wayezimisele ngokufunda nokulalela, ngase ngithi cha ngiyamthanda.

“Akekho okumele ancome mina ngomdlalo wakhe wokuqala weBafana Bafana, kwakumfanele ukuthi adlale.

“Ngesikhathi ngitshela umqeqeshi ukuthi amfake ngangenza lokhu engangikubona kulungile ngaleso sikhathi njengokaputeni weqembu, ngokubuka ukuthi wayenzenjani evikini.

“Indlela ayeziqeqesha nayeziphatha ngayo phakathi kwethu, wavele wangena khaxa yikho ngaya komqeqeshi ngamtshela ukuthi umdlalo sesiwusongile, ngakho yisikhathi esikahle sokufaka umfana wethu oyisilomo, kwase kwenzeka kanjalo.”

Ngaphambi kokulibhekisa kwiNdebe yoMhlaba uMofokeng uzozama ukusiza iPirates ukuthi inqobe isicoco seBetway Premiership.

EZimnyama zidinga ukunqoba kwi-Orbit College ukuze zibe ompetha beligi besizini ka-2025/2026.

Yonke imidlalo yeBetway Premiership yokusonga isizini izodlalwa ngoMgqibelo ngo-3 ntambama ezinkundleni ezahlukene.