Umqeqeshi wakuleli uyozakhela igama eGhana
UPitso Mosimane, owake waqeqesha iBafana Bafana neMamelodi Sundowns, usephendlele abaqeqeshi bakuleli indlela yokukhombisa amakhono abo ezwenikazi.
Umqeqeshi wakamuva ongene ukuphuma kuleli aye kwelinye izwe e-Afrika nguWilly Moloto, owayengumqeqeshi wePolokwane City.
UMoloto usanda kuthatha umsebenzi wokuqeqesha eqenjini laseGhana, iReal Academicals.
Lo mqeqeshi uvalelise emndenini nakubangani ngaphambi kokulibangisa eGhana ukuyojoyina iqembu lakhe elisha ngempelasonto.
Wethulwe ngokusemthethweni njengomqeqeshi wabo omusha ngesikhathi efika, futhi iqembu limamukele ngezandla ezifudumele ekhasini lalo likaFacebook.
UWilly Moloto ulandele ezinyathelweni zikaMosimane, nabanye abaqeqeshi baseNingizimu Afrika bathole amathuba emazweni angaphandle.
UMorena Ramoreboli uqeqesha iqembu elidalal kwiBotswana Premier League, kanti uThabo Senong ubephethe ikilabhu eTanzania kuze uyaxoshwa muva nje.
USenong kuphele kabana kuye eTanzania njengoba ezithole evalekile ehhotela ngemuva kokuxoshwa yiSingida Fountain Gate FC edlala kwiPremier League.
Wayefike kuleli qembu ehamba no-Ernst Middendorp eyomsiza kuleli qembu ekuqaleni kwesizini.
Kodwa uMiddendorp washeshe washiya yena, wabuyela kuleli njengoba eseqeqesha iCape Town Spurs nje kumanje.
Nakuba uMoloto ebengakazakheli igama elitheni kuleli, kodwa uthole isipiliyoni sokusebenzisana nabaqeqeshi abahlonishwayo abafana noBoebie Solomons, Bernard Molekwa, Jozef Vukusic, nabanye.
Ucashunwe yi-FARPost ethi: “I-Real Academicals iyiqembu eliphethwe kahle eGhana.
“Ngibonga usihlalo nebhodi labaqondisi ngokungethemba. Akulula ukuqasha umuntu ovela kwelinye izwe.
“Kodwa kufanele ngibonge nakusihlalo wePolokwane City, uJohnny Mogaladi, nosihlalo wePretoria Callies, uMoses Malada.”
Ngaphambi kokuthi aye eGhana, uMoloto ubeyiphini lomqeqeshi uKwanele Kopo kwiPretoria Callies.
FUNDA NALA: Uyazibonga ngokulaxaza iDowns osevelele kwiStellies
Uphinde waba ngumqeqeshi kwiPolokwane City ebambsene no-Innocent Mayoyo phambilini.

