EzakamuvaIbhola

Izembe lisina bese licifela iRichards Bay iso 

Ukuvuka seliyoshoona kweCape Town Spurs, kumele kuyikhathaze futhi kuyenze ibhukule iRichards Bay FC. 

I-Urban Warriors ikhombisa izimpawu zokuthi ayifuni nhlobo ukuphindela kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. 

Kule midlalo edlule leli qembu eliqeqeshwa ngu-Ernst Middendorp lidlale ibhola elihle, lilwa namaqembu obekulindelwe ukuthi alifake isibhaxu. 

Bekulindeleke ukuthi iSpurs ikhale ngaphansi kwiTS Galaxy kodwa yawina lowo mdlalo ngo 2-0. 

Emdlalweni lapho i-Urban Warriors beyibhekene ne-Orlando Pirates, e-Orlando Stadium, nakhona bekubeka sengathi izoshaywa ngembudlu yamagoli. 

Nokho lowo mdlalo ugcine uphele ngo 1-1, yabuya nephuzu elibalulekile iSpurs. 

NgoMgqibelo i-Urban Warriors ibidlala umdlalo womkhaya neStellenbosch FC. 

Iphinde yabuya nephuzu njengoba umdlalo uphele ngo 1-1. 

Ngasohlangothini lweNatal Rich Boyz akuhambi neze kahle. 

Leli qembu eliholwa uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, selivulele iSpurs intuba ngokulahla amaphuzu imidlalo ilandelana. 

Emidlalweni emithathu edlule iBay isakwaze ukuqoqa lalinye kuphela. 

Ishaywe yiChippa United ngo 3-0, yashaywa yiRoyal AM ngo 2-1, yase yadlala ngokulingana ngo 0-0 neTS Galaxy ngempelasonto. 

Konke lokhu sekwenze igebe lamaphuzu phakathi kwayo iBay (esendaweni ka-15) neSpurs (esendaweni ka-16), laba amaphuzu amabili kuphela. 

Emidlalweni engu-20 iBay inamaphuzu angu-14, kanti iSpurs inamaphuzu angu-12, emidlalweni efanayo. 

Womabili amaqembu asawine imidlalo emithathu kwengu-20 ayidlalile. 

Umehluko ukuthi iNatal Rich Boyz idlale ngokulingana kahlanu, kanti i-Urban Warriors isidlale ngokulingana kathathu. 

ISpurs inethuba lokweqa iBay, iyishovele emsileni (noma kungaba okwesikhashana) uma inqoba umdlalo wayo weDStv Premiership olandelayo. 

Leli qembu laseKapa lizokwamukela iMoroka Swallows e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMashi 31, ngo-3.30 ntamba. 

Akuhambi kahle kwiSwallows, eshaywe yiSekhukhune United ngo 4-1 ngempelasonto. 

Ngalo usuku olufanayo iBay izobhekana nomakhelwane iLamontville Golden Arrows, ngo-5.45 ntambama. 

Akwaziwa noma iyodlala lowo mdlalo seyinengcindezi yokuhlala emsileni yini. 

IRichards Bay akwaziwa noma kuyayisiza ukuphinde ibe matasa nemidlalo yeNedbank Cup Last 16, lapho izobhekana neSuperSport United ekhaya. 

Kuzophinde kube nzima kakhulu uma seyiqhubeka nemidlalo yeligi ngoba izobhekana nompetha beligi, iMamelodi Sundowns, eLoftus Stadium ngo-Ephreli 3. 

Kuyaziwa ukuthi alikho iqembu elibuya namaphuzu aphelele eLoftus Stadium, nokuthi alikho iqembu elisakwaze ukushaya iSundowns kule sizini emidlalweni yeligi. 

Konke lokhu kusenza sishube kakhulu isimo kwiNatal Rich Boyz, njengoba sezihubela sakusha kule sizini ka-2023/2024.