EzakamuvaIBetway Premiership

Oshiywe yiDowns iya e-USA ufake isithombe seChiefs iziqeqesha eNaturena 

SIHLE NGUBO

UThapelo Maseko, oshiywe yiMamelodi Sundowns eNingizimu Afrika njengoba idlala kwiClub World Cup, ese-USA, ufake isithombe esishiya imibuzo ngeqembu angase adlale kulona ngesizini ezayo.

UMaseko akazange afakwe esikwatini saBafana Ba’Style abayibambe emqhudelwaneni omkhulu, iClub World Cup, edlalwa okokuqala amaqembu asuka emazweni ehlukene emhlabeni.

Ukushiywa kukaMaseko kudwebe isithombe sokuthi angase engasaba yingxenye yeqembu ngesizini ezayo yeBetway Premiership.

“UThapelo Maseko akahambi neqembu ukuya kwiClub World Cup,” kusho umthombo othembekile weMpempe emasontweni edlule.

“Okuvelayo ukuthi sengathi uyayishiya iSundowns kodwa akukawinisekiswa. Uyena yedwa (kubadlali) ongahambi neqembu ukuya kwiClub World Cup.”

Muva nje kusanda kuvela uMaseko efake isithombe esithathwe uyena uqobo esikhombisa iKaizer Chiefs iziqeqesha eNaturena.

Umbuzo okhona owokuthi lo mdlali ubeyokwenzani eNaturena njengoba ethathe lesi sithombe, kanti ubesanda kuphoxwa yiqembu ngokumshiya liya emqhudelwaneni omkhulu kangaka.

UMaseko akasitholi njalo isikimu kwiSundowns kodwa bakhona nabanye abadlali abakhuhla ibhentshi abahambile neqembu.

Ngasohlangothini lweChiefs izama ukuqinisa iqembu ngakho ngeke kumangaze uma kungukuthi iyamhlwitha uMaseko ngoba nakhu isizwile ukuthi vele uyashiya kwiSundowns.

IChiefs kulindeleke ukuthi ilibhekise eNetherlands ukuyolungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

Yilapho kuzovela khona abadlali abasha asebevele basayiniswe Amakhosi ngoba izithombe zizothathwa esikhumulweni sezindiza uma iqembu selihamba.

Abadlali okuvela ukuthi sebesayinile kwiChiefs uThabiso Monyane noPaseka Mako abadedelwe yi-Orlando Pirates, u-Asanele Velebayi, obekwiCape Town Spurs no-Etiosa Ighodaro obebolekiswe yiSundowns kuMaZulu FC.

Abanye abadlali abamataniswa neChiefs, uMonnapule Saleng, onezinkinga nePirates, uSipho Mbule, obebolekiswe yiSundowns kwiSekhukhune United, no-Oswin Appolis wePolokwane City.