UTyson ‘weshela intombi’ yaseNigeria, ufuna iqome eMzansi
Owayengukaputeni weBafana Bafana, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, ‘weshela’ uzakwabo kwiSuperSport United, u-Ime Okon ukuthi adlalele iNingizimu Afrika.
Lo mdlali, oneminyaka engu-20, uyise owaseNigeria kanti unina owaseNingizimu Afrika. Lokhu kusho ukuthi angadlelela elinye lala mazwe.
Umdlali ozalwe kanje abaningi babona kulula ukuthi akhethe izwe lapho kuzalwa khona uyise.
Lokhu kwenza u-Okon abe owaseNigeria kakhulu ukudlula ukuba owaseNingizimu Afrika, uma kubukwa kanjalo.
Ngokusho kukaTyson, u-Okon akakanqumi ukuthi uzodlalela liphi izwe, yize ezalelwe eGoli.
“Sengimtshelile ukuthi kumele ahlale eNingizimu Afrika ngoba kuzoba nzima kakhulu kuyena ukungena eqenjini lesizwe laseNigeria,” kusho uThulani Hlatshwayo.
“Ukuze angene eqenjini lesizwe laseNigeria udinga ukuthi ayodlala e-Europe. Kodwa siyamdinga kwiBafana Bafana.
“Uma ubheka abadlali bethu basemuva maphakathi, uMothobi Mvala unokulimala, kukhona noGrant Kekana kanjalo noSiyanda Zulu.
“Ngike ngafunda ndawana thile ukuthi uSiyabonga Ngezana ube nenkinga ngamaphepha amvumela ukuthi aye kwelinye izwe, angazi kwenzekani lapho.”
Lo mdlali udlala kahle kuMatsatsantsa a Pitori futhi useke wanikwa ibhande likakaputeni komunye umdlalo.
UTyson uncokole ngokuthi uzoyeka ukumsiza lo mdlali uma egcina ekhethe iNigeria.
“Ukhulele lapha, wafunda lapha kanti umqeqeshi uGavin Hunt umlande kwiRandburg Football Club.
“UngowaseNingizimu Afrika futhi ukhuluma isiBhunu,” kuchaza le ngwazi eke yadlalela i-Orlando Pirates.
“Ngimtshele ukuthi ngizoyeka ukumsiza uma ekhetha iNigeria, ngoba kunezinto kuyena ezisadinga ukupholishwa.
“Uma elokhu eqhubeka edlala uzothola amava, futhi uzokwenza kahle.
“Angazi noma yingoba esemncane yini kodwa uyashesha futhi uqinile, sihlale sidlala kahle naye.
“Njalo uma kune-Afcon kudlala iNigeria, uhlale eseka yona. Uma iNigeria idlala neNingizimu Afrika kuhlale kunalokho kuphikisana eqenjini.”
FUNDA NALA: ‘Bayalulekwa’ abe-Arrows kulandela ukubhubha yinduku
Lo mdlali kuzomele akhethe ngokushesha ukuthi uyiliphi. Kungekudala kuzodlalwa imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kanti iBafana iseqoqweni elilodwa neNigeria.

