Ukhumbule ingoma kaMandoza oweChippa ‘evuka kade esewile’
Alfred Ngubane
Umgadli weChippa United u-Augustine Mulenga uthi uyisibonelo salento uMandoza ayecula ngayo ngesikhathi ekhipha ingoma ethi ‘indoda ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke’.
Lo mdlali waseZambia wafika kuleli elandwe yi-Orlando Pirates futhi wafike wadlala kahle impela.
Kwabathusa abaningi ngesikhathi leli qembu livele limdedela nje esithubeni. Wacoshwa AmaZulu kodw anawo abuye amchitha.
Lokhu kwenzeka ngaphambi kwesizini edlule. Ebona ukuthi alikho elinye iqembu elimfunayo, wabuyela ngakubo eZambia.
“Bekulokhu kuyisifiso sami ukubuya ngizodlala kwiDStv Premiership,” kusho lo mdlali olandwe yiChippa United kulokhu.
“Ngifike ekhaya ngasebenza ukuze ngikwazi ukukhuza ibuya kwiDStv Premiership ngoba ngiyathanda ukudlala khona.
“Le ligi ingenye yamaligi amakhulu ezwenikazi (i-Afrika). Ngize lapha ukuzozibonakalisa ukuthi angisona isehluleki…
“Emaqenjini engidlale kuwona phambilini angihlulekanga. Ngizodlala ngokukhulu ukuzikhandla ukukubonisa lokho kuleli.”
KwiChippa United uphinde wahlangana noLuvuyo Memela ababeyingozi naye bedlala kwiPirates nakuMaZulu.
“Ngijabule kakhulu ngokuphinde ngihlangane noLuvuyo Memela engiqale ukumazi sisekwi-Orlando Pirates.
“Ngaphinde ngadlala naye kuMaZulu. Ngicabanga ukuthi nalapha kwiChippa United sizoqhubeka lapho sasigcine khona…”
Uthe into enhle ngabo wukuthi umqeqeshi abadlala ngaphansi kwakhe kwiChippa, uMorgan Mammila uyabethemba.
“Umqeqeshi wethu uMorgan Mammila uhlale nathi phansi wasitshela ukuthi kuzomele sisize iChippa ukuthi ithole imiphumela emihle kule sizini.
“Uthe yilokho asilandele khona,” kuchaza uMulenga. Khonamanjalo uMulenga wahamba kuleli kade elimale kabuhlungu eqakaleni ngesikhathi edlala kuMaZulu.
FUNDA NALA: Alilibi irekhodi lomgadli waseColombia okhonjwa kwiKaizer Chiefs
Kodwa manje uthi useluleme ngokugcwele futhi akanagqubu ngendlela achithwa ngayo yileli qembu laseThekwini ngaleso sikhathi.