Owayeqeqesha iChiefs usephinde waxoshwa yiqembu lePSL
SIHLE NGUBO
Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, usephinde waxoshwa kwelinye iqembu lePremier Soccer League (PSL) kungakapheli nesikhathi esingakanani eqashiwe.
UNtseki wethulwe njengeTechnical Director yeGallants ngoNovemba 25 nyakenye. Nokho leli qembu selimkhombe indlela ehambisana nobengumqeqeshi uDaniel “Dance” Malesela.
IGallants ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership, ngoLwesithathu. Leli qembu lisendaweni ka-14 kwilogi yePremieship nokwenza lingaphephi nakancane ezembeni.
Nokho bekungalindelekile ukuthi kuxoshwe uNtseki noMalesela manje ngoba iqembu alidlali ibhola elibhedayo futhi lisekhona nakwiNedbank Cup. IGallants izobhekana neDurban City emdlalweni we-quarterfina yalo mqhudelwano.
“IMarumo Gallants seyikhulule obengumqeqeshi uDan Malesela neTechnical Director uMolefi Ntseki, kulandela ukungashintshi kwezinto lapho iqembu lihleli khona kwilogi,” kusho isitatimende esithunyelwe yiGallants.
“Njengamanje iqembu lisendaweni ka-14 kwilogi kanti lisanqobe imidlalo emine kuphela. IGallants ibheke abazokwenza kangcono.”
“Iqembu liyabonga kakhulu ngabakwenzele lona futhi libafisela okuhle kodwa lapho bezoya khona. Okwesikhashana amaphini, uSundra Govender noDuncan Lechesa, bazobheka iqembu kuze kube kutholakala umqeqeshi omusha.
“Izingxoxo ziyaqhubeka nomqeqeshi waseMorocco u-Abdeslam Ouaddou, osethelekile eNingizimu Afrika ukuzoqedela izingxoxo.”

