Ezakamuva

USamir Nurkovic ubhoboke ngokwenza iChiefs yamchitha

Njabulo Shezi

Ukuhamba kukaSamir Nurkovic kwiKaizer Chiefs kwamangaza abaningi njengoba abalandeli babesakholwa wukuthi kuningi angakwenzela iqembu. 

Nokuthi iChiefs yahluleka ukuthola omunye umgadli obukhali ozovala isikhala sakhe kwenza abalandeli bazibuza baziphendula. 

Nokho bekungakaze kucaciswe okwenza leli qembu liqoke ukumchitha lo mgadli odabuka eSerbia owayebukeka eza kahle. 

Emidlalweni engu-78 ayidlala kwiChiefs, uSamir Nurkovic washaya amagoli angu-21, wasiza nozakwabo amahlandla ayishumi. 

Kodwa ekupheleni kwesizini ka-2021/22 iChiefs yamkhulula lo mgadli njengoba kwakuphele inkontileka yakhe. 

Ekhuluma okokoqala ngokuhamba kwakhe kwiChiefs kwabeSportsnight Amplified kuleli viki, uSamir Nurkovic uthe ucabanga ukuthi ukulimala okwacika leli qembu.

“Ngase ngilimala njalo. Kodwa ngasengidlala, sengibuyela esimweni sami (ngesikhathi ngidedelwa),” kusho lo mgadli odabuka eSerbia. 

“Kodwa ke bayiqembu elikhulu, badinga umuntu ozodlala ngokushesha. Ngakuqonda lokho. 

“Ngaleso sikhathi babenombono ohlukile (ngendlela yokudlala kweqembu) futhi benyusa inqwaba yabadlali abasebancane. Kuyaqondakala nalokho.”

Uthe yena usedlulile kuleso sahluko sempilo yakhe njengoba manje esebheke ukuzakhela kabusha igama kwiTS Galaxy. 

Leli qembu laseMpumalanga lisanda kumsayina kulandela ukuthi esehlale isikhashana engenaqembu. 

Esuka kwiChiefs akahlalanga njengoba iRoyal AM yamnqaka masinyane. Kodwa yabuye yajika, yamxosha kusaphele izinyanga ezintathu efikile kuyo. 

Uke wazama kwiCape Town City neRaja Casablanca eMorocco ngaphambi kokuthathwa yiTS Galaxy. Uthi ufuna ukuqhubekela phambili nomsebenzi. 

“Ngidinga ukuqhubeka, ngingehlisi izinga. Kumele ngiqhubeke ngisebenze kanzima, izinto zijika ngokushesha ebholeni. 

“Namuhla ungaba yisihlabani, kusasa kuphele ngawwe. Mina kodwa kumele ngiqhubeke nokuzikhandla.”  

FUNDA NALA: OweNamibia ukhala ngokushoda ngoPeter Shalulile koweBafana

Njengoba uSamir Nurkovic ethi ungumqemane nje, cishe uzobonakala uma iTS Galaxy seyibuyela enkundleni ngoSepthemba 20 la izobhekana khona neCape Town City.