EzakamuvaIbhola

BUKA: UBroos ‘ekhulula’ abadlali beBafana ngamahlebezi

Wethule umthwalo kubadlali beBafana Bafana umqeqeshi uHugo Broos, ebaqinisekisa ukuthi ngeke abashiye okwamanje. 

IBafana beyisekhempini la beyidlala khona imidlalo yeFifa Series e-Algeria njengoba kade kuyiwindi lemidlalo yamazwe ngamazwe.

Kodwa kuthe isekhempini, kwaphuma izindaba zokuthi lo mqeqeshi useqede konke nososeshini waseTunisia ukuthi ayicija iqembu laskhona lesizwe. 

La mahlebezi abaphathe kabi abalandeli kuleli njengoba bese beqala ukubuyelwa yithemba ngeBafana ngenxa yomsebenzi omuhle kaBroos. 

Nokho uBroos usebakhululile abadlali bakhe, ebatshela ukuthi bayiqembu elihle kakhulu ukuthi usengabajikela esiswini kanjalo nje. 

“Njengoba senizwile, kulokhu enikuzwile, akukho lutho,” kusho uBroos kubadlali beBafana ngemuva komdlalo wangoLwesibili. 

Bekuyiwe kulo mdlalo we-Algeria eseqinile impela amahlebezi okuthi uyahamba lo mqeqeshi odabuka eBelgium. 

IBafana ibambane ngo 3-3 ne-Algeria ebingazibekile phansi kulo mdlalo obuseNelson Mandela Stadium e-Algiers.

“Ngisho kungathiwa… Ngingalishiyelani nje iqembu elihle njengani,” kusho lo mqeqeshi qede washayelwa ihlombe abadlali. 

IBafana seyizoze ibuyele ekhempini ngoJuni seyilungiselela ukuqala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Buka ividiyo ngezansi: