BUKA: Ngabe uLorch ‘akamphiwe’ uSaleng?
Sekuqubuke amahlebezi okuthi uThembinkosi Lorch uhambe kwi-Orlando Pirates engasezwene noMonnapule Saleng.
ULorch, obethandwa kakhulu abalandeli, ulaxaze iPirates kungazelele muntu ngoJanuwari, waya kwiMamelodi Sundowns.
Lokhu kubashiye bengakholwa abalandeli futhi abanye bebemthuka bethi ungumdayisi, baze bayeka nokumlandela ezinkundleni zokuxhumana.
Amahlebezi okuthi ushiye ishiphelene noSaleng aqubuke ngemuva kokuvela kwevidiyo eyathathwa ngemuva komdlalo wweSundowns nePirates muva nje.
USaleng naye ungomunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli beZimnyama njengoba eyiqhawe elikwazi ukubalamulela sekukubi.
Kule vidiyo, uLorch ubonakala emziba uSaleng uma ezama ukuzoxhawula kuye, avele asuke aye kwabanye abadlali.
Lokhu ukwenze kwaze kwaba kabili. Kokokuqala usuke wayokwanga uPatrick Maswanganyi.
La kucaca khona kahle ukuthi umshaya ngomzimba yila emfica eme noNkosinathi Sibisi.
FUNDA NALA: Okusha ngecala likaGabuza lokuhlasela intombi
Uthi uma ethi uzama ukumthinta ehlombe ephakamisa nesandla ukuze axhawule, uLorch avele asuke ahambe. Buka nansi ividiyo ngezansi:

