EzakamuvaiDStv Premiership

U-Eric Tinkler uveza ubungozi abubona kwiChiefs

Ubona ingozi kwiKaizer Chiefs umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, njengoba elungiselela ukubhekana naleli qembu leseSoweto ngempelasonto.

Lo mqeqeshi ukhala ngokuthi abadlali neChiefs bashesha kakhulu phambili, ngakho kumele babaqaphele uma la maqembu esetholana phezulu.

ICitizens izokwamukela Amakhosi emdlalweni weDStv Premiership, e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ntambama.

“Baseyiqembu eliyingozi kakhulu uma behlasela ngokuzuma,” kusho u-Eric Tinkler.

“Banejubane elikhulu phambili. Bahlale befuna ukusebenzisa lokho, badlale ngesivinini esikhulu.”

Egcina ukuhlangana la maqembu ezika-Eric Tinkler zishaye iChiefs ngo 1-0 eFNB Stadium koweligi ngo-Okthoba 3 nyakenye.

Ngaleso sikhathi iChiefs ibisaqeqeshwa uMolefi Ntseki, oxoshiwe, kwabamba uCavin Johnson.

“Ngicabanga ukuthi kunezindawo ezithile zomdlalo wabo ezisenenkinga kancane. 

“Siyazi ukuthi kumele sikusebenzise lokho,” kusho lo mqeqeshi.

“Kodwa phambili bayingozi kakhulu. Ijubane abanalo babukeka belisebenzisa ngendlela ephumelelayo manje, uma uqhathanisa nasekuqaleni kwesizini.”

Phambili iChiefs ihlasela ngo-Ashley du Preez, uPule Mmodi noChristian Saile. 

Bonke laba badlali banejubane, ikakhulukazi uDu Preez, oshaye amagoli amabili bebhekene ne-Orlando Pirates.

U-Eric Tinkler uthe nokho akumele bazikhathaze kakhulu ngezimbangi kodwa kumele babeke imiqondo kubona uqobo.

“Kumele sibuyele ekunqobeni. Alikhoke iqembu esingakwenza kangcono kulona lokho ngaphandle kweKaizer Chiefs.

“Ngicabanga ukuthi bayiqembu elingcono kakhulu uma uqhathanisa nangesikhathi sidlala nabo ekuqaleni kwesizini. Ngeke kube lula, kuzoba nzima kakhulu.”

Lo mqeqeshi uveze ukuthi kunabadlali bakhe abebethintekile kodwa ikhefu leFifa lisizile ukuthi bathole isikhathi sokululama. 

Kubona kukhona uMarc van Heerden odlala emuva.

“Besizibekele umgomo nezinhloso zethu ekuqaleni kwesizini, kodwa asikakufezi lokho. Kimina lokho kuyaphoxa kakhulu.

“Kodwa ukubona ukuthi sisekhona (embangweni wezindawo eziphezulu kwilogi) kusho ukuthi sinenhlanhla.

“Sizokusebenzisa lokho ukuthi sisekhona kwiTop 4, sizolokhu siphusha nje.

“Umdlalo nomdlalo, amaphuzu amathathu alandelayo abalulekile ukuwaqoqa. Kumele uzame ukufinyelela emaphuzwini angu-40 ngokushesha.

“Sizibona siyiqembu elihlale likhona kwiTop 8. Sizibona siyiqembu elibalwa nahlale ekhona kwiTop 6.”