UHugo Broos ucacisa ukumataniswa kwakhe neTunisia
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uphika uma ngentaba ukuthi uzoshiya iqembu lesizwe lakuleli ayocija elesizwe laseTunisia.
Ekuqaleni kwesonto kuvele imibiko ebiqhamuka eTunisia ithi uHugo Broos usesayinile neTunisia Football Association, sekusele azame indlela yokuphuma kwinkontileka yakhe neSafa.
ISafa ikuphikile lokho yathi amampunge oqobo. UHugo Broos naye uyayichitha indaba yokuthi useke wakhuluma neTunisia.
“Akukho ukuxhumana phakathi kwami neTunisia. Uma ngikholwa lokhu okushiwo abazindaba baseTunisia, ngingomunye walabo abamfunayo,” kusho uHugo Broos.
“Uma ngishiya iNingizimu Afrika, inhlangano (iSafa) iyona eyonquma. Kimina amahemuhemu nje.”
IBafana idlale ibhola elihle ngesikhathi ibambana ne-Algeria ngo 3-3 emdlalweni wobungani eNelson Mandela Stadium, e-Algiers, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli eqembu lakuleli ashaywe uThemba Zwane, amabili, no-Iqraam Rainers.
“Akukho nje ukuxhumana noma izingxoxo phakathi kwami neTunisia. Amahlebezi nje,” kugcizelela lo mqeqeshi waseBelgium.
“Ngingomunye (wabaqeqeshi) abamfunayo ngokusho kwabezindaba bakhona kodwa akuyona into eseyenzeka ngempela.
FUNDA NALA:Â U-Eric Tinkler uveza ubungozi abubona kwiChiefs
“Ngizobe ngikwiBafana Bafana ngoJuni. Konke kuncike enhlanganweni (iSafa).”

