I-Arrows iyibambe ngomsila isiphuma namaphuzu iChippa
Kufanele ukuthi beyisizishayile izibalo, yabona ukuthi kuyayilungela iChippa United kodwa kwabhimba seyithembile.
Leli qembu lase-Eastern Cape belidinga amaphuzu amathathu ukuze liphume liphele engozini yezembe, bese lingena kwiTop 8.
Kodwa iGolden Arrows, ebelibhekene nayo eMpumalanga Stadium ngeSonto ntambama yazihliphiza izinhlelo zalo.
IChippa ilishaye kuqala igoli kulo mdlalo weDStv Premiership, futhi ibisincenge kwaze kwangathi izokwazi ukunqoba.
Igoli layo lishaywe uBrooklyn Poggenpoel ngomzuzu ka-23. I-Arrows ibuyele kulo mdlalo ngomzuzu ka-72 ngegoli likaKagiso Malinga.
Iphuzu aliyisizanga kangako iChippa ngoba isangazithola iyodlala imidlalo yokuhlunga.
Kodwa ke idinga iphuzu elilodwa nje vo kule midlalo emibili esele ukuze iphephe.
Futhi nethuba lokungena kwiTop 8 lisekhona uma inganqoba le midlalo esele.
I-Arrows yona seyiphelile ezembeni, kodwa ukube iwawole wonke amaphuzu beyizolala ikwiTop 8.
Komunye umdlalo obudlala ngesikhathi esifanayo, iCape Town iqhubekile nokuhlukela ukunqoba ibambana neTS Galaxy ngo 1-1.
FUNDA NALA: Inkinga enkulu kwiChiefs ngaphambi kowoSuthu
Lo mphumela usho ukuthi kusangenzeka lamaqembu azithole egodola ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aqede ephezulu kwilogi.