EzakamuvaIbhola

Inkakha yeChiefs ichazwa umjiko kaPatrick Maswanganyi

Umdlali owayethandwa kakhulu kwiKaizer Chiefs, uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, uncoma indlela adlala ngayo uPatrick Maswanganyi we-Orlando Pirates.

Lo mdlali udume ngokushaya izitayela nomjiko uma ephethe ibhola, nokuyinto abayithandayo abanye kanti kukhona abayigxekayo.

Muva nje kunokuphikisana ngokuthi uPatric Maswanganyi angavala isikhala sikaThemba Zwane kwiBafana Bafana, uma sekushaye isikhathi sokuthi lo mdlali weMamelodi Sundowns agaxe amakhokho akhe emgibeni.

Nokho uShabba akagxilanga kweyeBafana kodwa uncoma umjiko walo mdlali kwiPirates, la osuhehe khona abaningi wamenza nentandokazi yabalandeli.

“Ngiyazi kunempikiswano ngomjiko, okuyinto nami engingahambisani nayo,” kusho uSiphiwe Tshabalala oyinxusa leNedbank Cup.

“Engingakuthandi umjiko ongayi phambili noma ongalisi ndawo iqembu.

“Kodwa uyazi uma lo mfana ephethe ibhola, wazi kahle ukuthi kumele enzeni ngalo.

“Udlala kahle kakhulu futhi ushaya amaphasi aya phambili,” kwengeza leli qhawe leNdebe yoMhlaba ka-2010.

Abaqeqeshi abaningi abayithandisisi kahle eyomjiko, ikakhulukazi uma wenziwa nje ukubukisa.

“Yebo ushaya izitayela nomjiko kodwa ezindaweni ezikahle. Ngemuva kwalowo mjiko ukhipha iphasi enhle.

“Udlala umjiko ukuvula izikhala hhayi ukubukisa. Ngakho kunomehluko kulokho.”

UShabba wayengadumile kakhulu ngomjiko kodwa ngenzele lakhe wayebulala amadoda, awashiye elele phansi esefunda ukuthi ugqoke yiphi inombolo emhlane.