EzakamuvaIbhola

Iyamkhubaza emoyeni uLorch eyokulahlwa yicala lokushaya

Umdlali we-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch usazophinde alinde ngaphambi kokuthola isigwebo kulandela ukulahlwa yicala lokushaya intombi. 

ULorch watholwa enecala yinkantolo yemantshi yaseRandburg eGoli. Lokhu kwakulandela ukusolwa ngokushaya kanzima owayeyisinqandamathe sakhe uFundiswa Mathithibala. 

Icala limlale ngasekupheleni kwesizini edlule kanti kusukela lapho akakaze adlale kwiPirates okusolakala ukuthi ilinde isigwebo bese inquma ngekusasa lakhe. 

Ukukhishwa kwesigwebo kuphinde kwahlehliswa ngoMsombuluko njengoba sesiyoze siphume ngoNovemba 21. Bese kungokwesithathu kuhlehliswa.

Kulokhu kuthiwa yinkantole enqume ukuhlehlisa ngoba isadinga isikhathi ukubhekisisa kahle okuthile kulolu daba. 

“Kumanje akasadli nakahle ukhala nangokuthi uyajima nje kodwa uphazamisekile nasemqondweni ngenxa yalesi simo akuso,” kusho umthombo osondelene naye. 

Ngesikhathi iPirates inqoba indebe yeMTN8, uLorch ubekhona kodwa ubebonakala ngisho ebusweni ukuthi uphazamisekile. 

Kuthiwa nokho uyakuthola ukwesekwa ngozakwabo nabangani ukuthi angalilahli ithemba yize ebhekene nalesi simo angazi sizophela kanjani. 

FUNDA NALA: UBartlett ngeke awuswele umsebenzi, kunelisha amashushu ngaye

Kungenzeka inkantolo imgwebe ukuthi ayohlala ejele isikhathi esikalelwe, noma imzwele bese imhlawulisa ngokuthi enze imisebenzi yomphakathi.