EzakamuvaiDStv Premiership

‘Sishode ngegoli,’ kusho uJohnson iChiefs ibambana neCity

Ujabulile ngendlela iqembu elidlale ngayo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson ngesikhathi bebambana neCape Town City ngo 0-0.

Yize bekubonakala kuwo womabili amaqembu ukuthi ikhona inhloso yokunqoba, kodwa awakwazanga ukwakha amathuba amahle. 

Nalawo avelile ahlulekile ukuwasebenzisa kahle. Nokho ngokomdlalo awuzange uphoxe kakhulu futhi bezihubhana udede. 

Lo mdlalo weDStv Premiership obuse-Athlone Stadium ngoMgqibelo ntambama, ugcine uphele zibambene ngo 0-0, kwacazelwana amaphuzu. 

Womabili lamaqembu abewadinga amaphuzu aphelele.

IChiefs seyizibekele umgomo wokuqeda endaweni yesibili, kanti ukuze kwenzeke lokho, kumele iqoqe amaphuzu agcwele.

“Bekufanele siwunqobe lo mdlalo, sibe namathuba amahle. Ngijabulile ngomdlandla. 

“Namuhla abadlali bethu abane abahlaselayo, benze kahle. Bebesiza noma sesimaka. 

“Sikwazile ukungangenelwa goli, kodwa bekumele sithole igoli sonqobe kulo mdlalo,” kuchaza uJohnson.

Uzakwabo weCity, u-Eric Tinkler naye ujabulile ngendlela ezakhe ezidlale ngayo, wakhala ngokuyeka amathuba.

“Bengibheke ukuthi badlale ngokuzinikela, bafake umdlandla. Ngikubonile lokho esiwombeni sokuqala.

“Besibacindezele futhi sithola amathuba. Bona bebesihlasela ngokuzuma uma kwenzekile salahla ibhola.

“Inkinga yethu kube wukuhluleka uma sesisondela epalini labo,” kuchaza u-Eric Tinkler ngemuva komdlalo.

Uthe esiwombeni sesibili bahlaselwe wukukhathala, baqala bayidedela iChiefs ukuthi ikwazi ukusondela epalini labo.