Uyikhomba kubagadli inkinga yoSuthu uBongi Ntuli
Sbongs Gumbi
UBongi Ntuli, ongumgadli waMaZulu FC uthi sekuyibo njengabagadli ababambezele iqembu ngoba abadlali basemuva bawenza kahle owabo umsebenzi.
Emidlalweni emibili yeDStv Premiership edlalwe wuSuthu, alukangenelwa goli nokuyinto uBongi Ntuli athi yinhle kakhulu.
AmaZulu adlala ngokulingana neRoyal AM, umdlalo waphela ngo 0-0 kokokuvula isizini eHarry Gwala Stadium.
Abuye nasekhaya abambana ngo 0-0 neSuperSport United emdlalweni adlala ingxenye enkulu yawo engasaphelele.
Lokhu kwakungenxa yokuthi uThembela Sikhakhane wavele wavukwa yidimoni elibi, wagxoba umdlali weSuperSport qede waklonyeliswa ngekhadi elibomvu.
Kodwa ke kukho konke, okungamlalisi kahle ebusuku wukuthi nabo abakashayi nelilodwa igoli.
Okuhle wukuthi umunwe uwukhomba kuye uqobo njengoba kunguye umgadli onamava osele eqenjini.
“Udonga lwethu lwasemuva lusadlale kahle impela. Manje sekuseke kithi njengabadlali abahlaselayo ukuthi sishaye amagoli, sisize iqembu linqobe.
“Kodwa ke asinayo ingcindezi ngaleyo ndlela ngoba nomqeqeshi uhlezi esigqugquzela ukuthi siqhubeke nokuzama kuze kulunge,” kusho yena.
UBongi Ntuli, oseke wadlala kwiMamelodi Sundowns nePlatinum Stars phambilini, uthembe ukuthi bazokwazi ukubhakuzisa inethi emdlalweni olandelayo.
Usuthu luzogadulisana nomkhaya balo besifundazwe iRichards Bay FC eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
Kodwa ke umlando wangesizini edlule ualuphikisa Usuthu kule midlalo yomkhaya njengoba kweyisishiyagalombili luhlulwe kwemihlanu lwadlala ngokulingana kwemithathu.
Kodwa uBongi Ntuli uthi bazokujika lokho kulokhu ngoba bafuna ukulungisa lo mdlalo ongemuhle.
“Siyazi ukuthi asenzanga kahle emidlalweni yethu nomkhaya ngesizini edlule,” kuchaza lo mgadli.
FUNDA NALA: UGert Schalkwyk uncoma iPirates ngomkhaya wakhe uMosele
“Kule sizini sifuna ukukujika lokho. Lokho ke sizokuqala ngokushaya iRichards Bay,” kusho yena ngokuzethemba.