EzakamuvaIbhola

Owe-Chiefs nabeDowns baqokelwe izindondo zeCaf

Kukhona nomdlali weKaizer Chiefs kwabaqokelwe izindondo zeCaf, kanti uhambisana nababili beMamelodi Sundowns.

Abaningi bazoxakeka ke ukuthi umdlali weKaizer Chiefs ungene kanjani kulezi zindondo njengoba leli qembu lingazange lisondele kwakusondela emincintiswaneni yeCaf ngesizini edlule. 

Cha, ilula nje. Lo mdlali nguRanga Chivaviro obedlala kwiMarumo Gallants ngesizini edlule.

UChivaviro ubewashaya sengathi ushunqiselwe ngenethi amagoli kwiCaf Confederation Cup la iGallants ize yabanjwa emidlalweni eyandulela owamanqamu. 

Usayine kwiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini kanti usabambezelekile kuyo njengoba ehlushwa wukulimala. 

Uqokelwe indebe yoMdlali woNyaka emiqhudelwaneni yamaqembu. KwiSundowns kuqokwe unozinti uRonwen Williams nomgadli uPeter Shalulile. 

Umcimbi wokuklomelisa abadlali abenze kahle ngaphansi kweCaf uzoba ngenyanga ezayo. 

Uhlu lwabaqokiwe lukhishwe yiCaf ngoLwesithathu yabe seyiveza nokuthi umcimbi uzoba seMarrakech, eMorocco.

UShalulile uqokwe kabili – kweyoMdlali woNyaka nowoMdlali woNyaka emiqhudelwaneni yamaqembu. 

UWilliams yena uqokelwe kwekaNozinti woNyaka wase-Afrika nowoMdlali woNyaka emiqhudelwaneni yamaqembu. NoPercy Tau, odlala kwi-Al Ahly yase-Egypt uqokiwe. 

Yena uqokelwe owoMdlali woNyaka nowoMdlali woNyaka emiqhudelwaneni yamaqembu. 

Abadlali abaqokiwe ngabebevelele phakathi kukaNovemba 2022 noSepthemba 2023. 

IMarumo Gallants, edliwe yizembe kwiDStv Premierhsip ngesizini edlule, futhi
Edayisele iKaizer Chiefs uChivaviro, nayo iqokiwe. 

Leli qembu laseLimpopo selidlala kwiMotsepe Foundation Championship kulandela ukuthi lagxila kakhulu kulo mqhudelwano weCaf, lakhohlwa eyasekhaya. 

FUNDA NALA: UNgezana uvuke ngendondo yakhe yokuqala eRomania

Yona izovela koweQembu loNyaka kule miklomelo evamise ukukhalisa abaningi ngoba kunqoba abadlali namaqembu asemazweni asenhla ne-Afrika kuphela.