‘Sekushoda kancane i-Arrows ibe wumshini obhubhisa kwasani’
Sbongs Gumbi
Umdlali oqokwe njengobevelele emdlalweni wesibili weGolden Arrows, uVelemseni Ndwandwe uthi uma bengaqedela amathuba abawakhayo bengabhubhisa.
UNdwandwe udlale kahle kakhulu i-Arrows ishaya omkhaya bayo baKwaZulu-Natal iRichards Bay FC ngoLwesibili ntambama.
Abafana Bes’thende bawunqobe ngo 2-1 lo mdlalo, baqoqa amaphuzu aphelele ookokuqala kule sizini njengoba bevule ngokubambana ngo 1-1 neMoroka Swallows ngempelasonto.
“Bekuwumdlalo onzima, umdlalo womkhaya,” usho kanje uNdwandwe ngemuva kwalo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium.
“Besazi ukuthi bazosicindezela kodwa bekumele sibe nesineke, sikwazi ukumelana nengcindezi yabo bese nathi sibahlasele.
“Siyawakha amathuba, futhi sidlala kahle kodwa sekumele sizame ukuwasebenzisa ukuze sithole amagoli.”
Uthe into ayithandayo nge-Arrows kule sizinii wukuthi inomdlandla omangalisayo futhi ayililahli ithemba noma sekusinda kangakanani.
“Umdlandla muhle kakhulu eqenjini. Siyazama noma kunzima, silwe sifuna umphumela,” kusho lo mdlali.
Kuyiwe ekhefini leli qembu elicijwa ngokubambisana uVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza selihamba phambili.
Igoli belishaywe uRyan Moon ngomzuzu ka-36. Kodwa ibuyile iRichards Bay sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele.
Ibekelwe iphenathi, kwasukuma uBoikanyo Komane wayibeka enethini. Bese kungathi izolithola iphuzu iRich Boys.
Kodwa uNduduzo Sibiya udlale elihle ibhola egudla nabadlali basemuva beRichards Bay waze wayongena ebhokisini.
Ube eseligoba ngobuchule ibhola, lawela phambi kuka-Olwethu Ncube obe eselinamathisela enethini.
Bese kungokwesibili ke iRichards Bay ithola induku okuyinto ezothanda ukumfakela ingcindezi umqeqeshi uKaitano Tembo.
FUNDA NALA: Useluleme, ubheke ukuqukula iNdebe yoMhaba okwesibili uKolisi
Uma engabhekile, engazithola esebe ngumqeqeshi wokuqala ukukhonjwa indlela kule sizini yeDStv Premiership.