Unemibono yokuyinyusela phezulu iPSL uJohn Commitis
ALFRED NGUBANE
UJohn Commitis, ongusihlalo weCape Town City uthi ukulungele ukuthatha izintambo ngemuva kuka-Irvin Khoza ongusihlalo wePremier Soccer League.
Utshele Impempe ukuthi usesebenze noKhoza iminyaka engu-20, besondelene kakhulu naye.
Uthi kuningi kakhulu akufunde kuKhoza ngebhola nokuphathwa kwalo.
Kusanda kuvela ukuthi uKhoza ucabanga ukuhoxa ekuholeni iPSL uma sekukhethwa ubuholi obusha ngoNovemba.
Lokhu sekususe ukuqophisana ngokuthi ngubani okufanele angene kulesi sikhundla sikaKhoza uma kwenzeka eshiya ngampela.
Igama likaJohn Commitis livela kaningana impela futhi nguye obukeka ethenjwa ngabalandeli ukuthi engawuphatha kahle lo msebenzi.
“Nakuba izicathulo zikaKhoza zinkulu, kodwa ngithembe ukuthi lokhu asifundise khona ngizosebenzisa khona,” kusho uCommitis.
“I-PSL kumanje idinga ukwengeza abaxhasi kulaba enabo nokuhlumelelisa kabusha isimo seligi njengoba leli zinga esikulona njengamnje lingelihle neze.”
UCommitis useable unayo imibono ngangakwenza ngendlela ehlukile ukuqinisekisa ukuthi izinga liyaqhubeka nokunyuka ebheleni elikhokhelayo kuleli.
“Kuzomele abaphathi bamaqembu ePSL balandele le mithetho yokusebenza ebekiwe.
“Mhlawumbe khona lapho sizoyichibiyela khona uma kwenzeka kuvela isimo esiphoqa leso.”
Enye yezinto azibalulile athe zehlisa isithunzi sebhola elikhokhelayo wumkhuba wokuxosha abadlali nabaqeqeshi bese bengakhokhelwa izimfanelo zabo.
Okunye azokubhekisisa wukuthi kugxilwe kakhulu ekutheni amaqembu azithuthukisele abadlali ngenhloso yokubadayisa phesheya.
Uthi yiyona ndlela lena amaqembu angenza ngayo inzuzo, ekwazi ukuqhubeka nomsebenzi ngaphandle kokuhlangabezana nezinkinga zemali.
“Abantu abaningi abakhala ngaso ngisho naphesheya kwezilwandle sokuxosha abaqeqeshi noma kanjani nokungakhokheli abadlali nabaqeqeshi.
“Lokhu kuthunaza kakhulu isithunzi sePSL. Kuzomele sithuthukise izinkulisa zamaqembu kakhulu.
“Abadlali abaningi kuzomele baqhamuke kwizinkulisa zamaqembu. Sizolungisa udaba lwabadlali lokudlala phesheya kwezilwandle.
“Njengoba noma ngabe ngubani ongumuntu wakuleli akaneme nhlobo ngabadlali bethu ngenxa yezinga labo lokungadlali kumaligi amakhulu.”
FUNDA NALA: Kuthanda ukusinda kuSamkelo Zwane kwiChiefs
Ukhuluma kanjena nje uJohn Commitis asemaningi amaqembu akuleli abhekana nezinkinga zezimali agcine engasabaholeli abadlali ngendlela efanele.

