ElaseSoweto ligaqele oweBafana ‘osacabanga’ ngekusasa
Kukhona eyodwa ezinkunzini zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ezidlisa satshanyana esihlabanini seBafana Bafana esidabuka kulo leli lokishi.
Kuvela ukuthi kukhona elilodwa kulamaqembu eselike lazibika kubaphathi bakaLuther Singh, bebuza ukuthi angasayineka yini lo mdlali.
Ngokubika kwe- iDiski Times, lesi sihlabani seBafana sisezinhlelweni zeqembu laseSoweto.
Lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala owazalelwa eSoweto sekunesikhathi engekho kwiBafana.
“Sithole izicelo ezivela e-Egypt, Morocco, Scotland, Sweden, nakwiMajor League Soccer,” kucashunwe imenenja yakhe uWarren Swartz isho kanje.
“Iqembu elilodwa laseSoweto nalo selike labuza ngaye. Isizathu esenza singasithathi isinqumo ukuthi okwamanje asikasitholi isicelo esifeza konke okudingwa umdlali.
“Yingakho sisafuna ukulinda kancane. Usafuna ukuqhubeka nokudlala phesheya.
“Kodwa uma kufika isicelo esifanele kuleli, uzosithatha. Inhloso wukubuyela eqenjini lesizwe,” kuqhuba uWarren Swartz.
USingh ukhululwe yiqembu lase-Serbia, iFK Čukarički ekuqaleni kuka-2024 ngemuva kokudlala imidlalo engu-14 kuphela.
USingh uke wadlala ePortugal, Denmark naseSweden kodwa akazange ahlale isikhathi eside eqenjini elilodwa.
Udlale okokuqala kwiBafana Bafana ngoMashi 2017, kanti unemidlalo engu-13 kuleli qembu lesizwe.
FUNDA NALA: Okwenza uNdlanya afise ukuyobuka iChiefs ijima
Ugcine ukubonakala kwiBafana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-2021 bebhekene neZimbabwe.