Sekungumlingo engaweza iRichards Bay kwiSundowns
SIHLE NGUBO
Kungase kuphele isonto iRichards Bay FC seyiyivale ekugcineni kwilogi yeDStv Premiership nokungayifakela ingcindezi kakhulu kunakuqala.
INatal Rich Boyz akuyihambeli neze kahle njengoba iyibambe endaweni yesibili ukusuka emsileni kwilogi yeDStv Premiership.
EzikaVusumuzi “Kanu” zishaywe yiLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni weligi ngempelasonto.
Abafana Bes’thende babukeka bevukile emaqandeni selokhu kufike umqeqeshi omusha uSteve Komphela.
Okwenza isimo sibukeke sizoba sibi kakhulu kunakuqala kwiBay, ukuthi izodlala neMamelodi Sundowns, engakashaywa kule sizini, emdlalweni wePremiership eLoftus Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
Amathuba okubuya namaphuzu aphelele ePitoli mancane kakhulu nokuyinto ezovulela iCape Town Spurs intuba yokusuka okokuqala ngqa emsileni.
I-Urban Warriors iliyekile lelo thuba ngeSonto ngesikhathi ivumela ukushaywa yiMoroka Swallows ngo 1-0.
Uma iBay ishaywa ngoLwesibili bese iSpurs iwine kwiChippa United eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesithathu, kuzosho ukuthi iNatal Rich Boyz ishoveleka emsileni kanti ingase ikuthole kunzima ukusuka lapho.
Iqembu elizoqeda isizini lisemsileni lizoqonda ngqo kwiMotsepe Foundation Championship.
Elizoqeda endaweni ka-15 lidlale imidlalo yokuhlunga nelizophuma isibili nesithathu kwiChampionship.
Akukho ukuthandababuza ukuthi u-Ernst Middendorp usethandazela ukuthi adlale imidlalo yokuhlunga neqembu lakhe, angaqondi ngqo ehlathini.
FUNDA NALA:Â Owele-PSL uthengele abazali umacekeceke wemoto
ISpurs inamaphuzu angu-12 kanti iBay inangu 14. Kubukeka kungelinye lala maqembu womabili elizodliwa yizembe njengoba imidlalo yeligi ilokhu incipha.

