OweBucs ubabaza ukuba wuvila voco komdlali weDowns
SIHLE NGUBO
Ukhala ngobuvila kuMarcelo Allende weMamelodi Sundowns, umdlali we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha.
Lo mdlali ukhulume kanje ngemuva kokuthi iBucs ishaye Abafana Ba’Style emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMbombela Stadium, ngempelasonto. Bese kungokwesibili iPirates ishaya iSundowns kowamanqamu ngesizini ka-2023/2024.
Iyiqale kowamanqamu weMTN8 njengoba iyiphindile kwiNedbank Cup. UMbatha, obe nesizini enhle kwiBucs, uphinde wagadla kuTeboho Mokoena, abazana naye kudala besadlala ndawonye.
“Ngadlala noTebza (uTeboho Mokoena) kwiSuperSport United, bengazi ukuthi kuzoba nzima kakhulu kuyena,” kusho uMbatha ekhuluma ngomdlalo wamanqamu weNedbank Cup kwi-Radio2000.”
“Kodwa ngiyazi u-Allende uyivila. Akazivali izikhala njengoba kufanele. Uyaye ashaye sengathi wenza lokho kodwa akezi.
“Ngakho bengazi ukuthi uma ngihamba nebhola ngeke bangixine futhi kuzovuleka isikhala.”
“Umsebenzi wami enkabeni yenkundla ukusebenza ngokuzikhandla. Yimina omncane ngakho kumele imilenze yami ibe ngcono kunekaMakhaula.
“Ngiyashesha kunaye ngakho ngiyakwazi ukumsiza. Kuba nzima ukusihlakaza ngoba sobabili sisebenza ngokuzikhandla. Sinenkululeko yokushintshana ekuyeni phambili nokuhlala emuva,” kuqhuba uMbatha.
“Ukubolekiswa kwami kwiPirates, ngisuka kwiSuperSport, sekuzofika esiphethweni manje. Kodwa ngijabule kwiPirates ngoba ngiyakwazi ukunqoba izindebe nokudlala kweyamanqamu.
“Manje sekumele ngihlale phansi nomphathi wezindaba zami ngimtshele ngezinto engifisa ukuzizuza. Sengivele ngiqalile ukuzizuza lezo zinto,” kuphetha uMbatha.