EzakamuvaIbhola

Owele-PSL uthengele abazali umacekeceke wemoto

Ngesikhathi eqala ukudlala eqenjini elikhulu kwiSuperSport United, futhi eqokwa njengomdlali ovelele, uShandre Campbell waliqhakambisa iqhaza likayise empilweni yakhe. 

Lo mdlali oneminyaka engu-18 wabonga uyise, ethi ubewa evuka naye emhambisa lapho kuhlolwa khona amakhono ngemoto yakhe engasekho esimweni esifanele.

Wathi kwesinye isikhathi babelala kuyo imoto ukuze bavuke baye enkundleni lapho ayezohlolwa khona. 

Manje lo mfanayana usekukhombise nangezenzo ukubonga kwakhe kuyise, emthengela umacekeceke wemoto. 

UCampbell, odlala esiswini kwesokunxele, udlale okokuqala kwiSuperSport endala ngoMeyi nyakenye.

Usesheshe waphenduka omunye wabadlali abayizinsika kuleli qembu njengoba eseshaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-22. 

Isikhathi agqame ngaso kakhulu ingoDisemba ngesikhathi eshaya amagoli amabili bebhekene ne-Orlando Pirates.

Izindaba zokuthi uthengele abazali imoto entsha, zivezwe ngumlandeli omkhulu webhola kuleli, uCellular Junior, oyindodana kaSadaam Maake. 

“UShandre Campbell, osanda kungena eqenjini elikhulu kwiSuperSport United usejabulise abazali ngenmoto entsha sha. 

“Ubebabonga kulabo abasondelene naye nabebemnakekela,” kubhala le nsizwa kwi-X.

“Yinto enhle kakhulu le eyenziwe yilo mfana. Ikusasa lezwe libukeka liqhakazile.”