Kuvela okuvimbe iChiefs ukumemezela uNabi njengomqeqeshi wayo
SIHLE NGUBO
UNasreddine Nabi okumanje ungumqeqeshi weFAR Rabat, yaseMorocco, kuvela ukuthi uzogcina efikile kwiKaizer Chiefs kodwa kusekhona okumele akuqedele neqembu alicijayo njengamanje.
Umdlalo weligi wokugcina waleli qembu ungoJuni 14. Ngosuku olufanayo iCasablanca izotholana phezulu neMCO Oujda, nokuyilapho kuzocaca khona ngesicoco seligi. I-Rabat inethuba lokunqoba isicoco kodwa isele ngephuzu elilodwa kwiCasablanca.
Leli qembu likaNabi lisazodlala iThrone Cup ngoJuni 23 okuwumdlalo owandulela owamanqamu. Uma bedlulela kowamanqamu bazodlala ngoJulayi 6.
Muva nje asebuye ngamandla amahemuhemu angonyaka odlule, ahlanganisa leli qembu nomqeqeshi uNabi. Lo mqeqeshi wayebhekwe ukuthi athathe izintambo kuMakhosi ekuqaleni kwesizini edlule, kodwa kwavela ukuthi abavumelani ngokuthi eze nethimba lakhe labaqeqeshi.
Imibiko yakamuva ithi iChiefs noNabi sebeyavumelana ukuthi eze nethimba lakhe labaqeqeshi – umqeqeshi wonozinti nephini lomqeqeshi.
Kuthiwa uma begcina bevumelana lo mqeqeshi uzoza nomgadli weYoung Africans SC, u-Aziz Ki. Lo mgadli ushaye igoli elisuse umsindo ngesikhathi iqembu lakhe libhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarterfinal yeCaf Champions League.
Ngokubika kweSABC Sport iChiefs ilinde ukuthi aqede isizini yakhe lo mqeqeshi bese iqedele konke naye.
“Ulwazi olutholwe yiSABC Sport luveza ukuthi Amakhosi alinde kuphele iBotola Pro League ngaphambi kokuthi aqedele isivumelwano sokuthi uNabi abe umqeqeshi wayo,” kusho lo mbiko.
Akwaziwa noma iChiefs izomemezela uNabi ngemuva kokugoqwa kweBotola Pro League, noma izolinda iThrone Cup lapho iRabat izodlala khona ngoJuni 23.