EzakamuvaIbhola

Uselibeke ezandleni zoMdali ikusasa lakhe kwiChiefs

Asikho isiqiniseko sokuthi uCavin Johnson uzoqhubeka nomsebenzi wokucija iKaizer Chiefs ngesizini ezayo.

UCavin Johnson, oneminyaka engu-65, uqokwe njengomqeqeshi wesikhashana weChiefs ngo-Okthoba 2023.

Lokhu bekungemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki. Phambilini, uJohnson ubengumphathi wesikhungo senkulisa yeqembu. 

Ekhuluma nabezindaba ngempelasonto, uJohnsonuthi ikusasa lakhe alikho ezandleni zakhe.

“Angazi. Kodwa sizobona. Konke kusezandleni zikaSomandla,” usho kanje uCavin Johnson ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City. 

“Ngizokutshela, ngizokwazisa ngempela ukuthi ayikho into efana nomqeqeshi wesikhashana. 

“Uthatha iqembu futhi usebenza kuze kube yilapho iqembu lingasakudingi.

“Ngakho yebo, ngenza konke engingakwenza njengomqeqeshi… 

“Futhi ngifuna sidlale leli bhola elihle kule midlalo eyisishiyagalolunye yokugcina yesizini,” kwengeza lo mqeqeshi.

IChiefs izibekele ukuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership kanti mkhulu umsebenzi okumele wenziwe uma lokhu kuzogcina kufezekile. 

Kulandela ukudlala ngokulingana ngo 0-0 neCity ngempelasonto, iKaizer Chiefs ihlezi endaweni yesikhombisa kulogi ngamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-21. 

Isilele ngamaphuzu amahlanu kwiStellenbosch esendaweni yesibili. 

Njengoba lamaqembu ezotholana phezulu ngoLwesibili ebusuku eFNB Stadium, kungase kuphele umdlalo igebe selinciphile noma selinyukile. 

Njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela kule sizini, lona wumdlalo Amakhosi angeke akwazi ukuhlulwa kuwo uma ezosifeza isifiso sawo.