Ufeze iphupho ‘unogada’ enqoba iHarry Gwala Marathon
SIHLE NGUBO
Usebheke ukuyogijima iComrades Marathon yakhe yokuqala uMholi Jali, onqobe iHarry Gwala Marathon 42.2km, eXopo, ngeSonto.
Lo mgijimi ongunogada ngokomsebenzi, uthe ujabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho ikakhulukazi ngoba ungowasendaweni.
“Ngesese kakhulu. Kadala nginesifiso sokuthi ngingavumeli ukuthi le mali iphumele ngaphandle,” kusho uJali obebukeka ewumqemane ngemuva komjaho.
Ngokunqoba lo mjaho uJali ukhale wemuka no-R55 000 kodwa akafunanga ukwanda kakhulu ukuthi le mali izomsiza kuphi.
“Namuhla ngicabanga uNkulunkulu uyiphendulile imithandandazo yami,” kuqhuba uJali.
“Nakanjani ngizoya kwiComrades Marathon kodwa angithembisi lutho olutheni.
“Kuzobe kuyiComrades Marathon yami yokuqala, ngakho ngizoba matasa manje ngenze amalungiselelo.
“Ngifuna ukugwema ukuthi ngingapheleli endleleni ngikwazi ukuyibamba nezinye izinsizwa.
“Mhlawumbe ngeke ngikwazi ukiqeda kwiTop 10 kodwa ngifuna ukuyiqeda iComrades Marathon.
“Ngibheke yona manje angikholwa ukuthi kukhona eminye imijaho engizoyigijima.
“I-Two Oceans Marathon iseduze (mhlaka 14) ngakho ngeke ngiyigijime.”
Lo mgijimi uveze ukuthi njengoba engunogada usebenza izinsuku ezine bese athole izinsuku ezimbili zokuphumula.
EZINGENA MANJE: UKhoza uyifaka endalini i-Orlando Pirates
Yizo lezi zinsuku ezimbili azisebenzisayo ukujima uma engasebenzi.

