EyeChiefs seyidinga isibindi kubaphathi noma kuminywe
Kuzoba phakathi kokuthi kuyaminywa kwiKaizer Chiefs ukuthi ingahlazeki kakhulu kuze kuphele isizini, noma abaphathi baqunga isibindi.
Ukuminya kuzobe kwenzelwa ukuthi leli thimba elikhona labaqeqeshi besale sebeyiqedela lemidlalo eyisishiyagalombili ikwazi ukubambelela.
Phela kuyacaca manje ukuthi leli qembu laseNaturena selilwela ukuqeda lingaphakathi kwi-Top 8 yeDStv Premiership kule sizini.
Into elahlisa ithemba wukuthi leli qembu alidlali ngendlela ethembisayo njengoba kwenzekile lishaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 ngoLwesibili.
Yize ebe khona amathuba eChiefs alibanga khona elicacile neliqhamuke ngenxa yomnyakazo omuhle weqembu.
Emepeleni nje ibe nenhlanhla ukuthi iStellies igcine ngalo igoli likaDevon Titus alishaye ekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Ukuqunga isibindi kusho ukuthi abaphathi kumele bamdedele kusemanje uCavin Johnson ngoba sekucacile ukuthi selimehlule leli qembu.
Abadlali bamgibela ekhanda njengoba uBrandon Petersen esekukhombise kaningi lokhu ebhentshini leChiefs.
Noma ekhuluma ke nje uJohnson akalibuyisi ithemba ngokuthi aveze ukuthi inkinga ikuphi futhi izolungiswa kanjani.
Nangemuva kwalo mdlalo, uphinde izinto akade ayezisho ukuthi, ‘sakhe amathuba, bekumele sishaye amagoli’.
“Impela ngiphoxekile, ngicabanga ukuthi indlela esidlale ngayo ayifikanga ngisho kuhhafu kunale esidlale ngayo ngoMgqibelo.
“Ngingathini nje. Kumele sibuyele emuva siyozama futhi (ukulungisa ejimini),” kusho uJohnson ngemuva komdlalo.
“Mhlawumbe kuzomele sifake abanye abadlali enkundleni, sibone kwenzakalani.
“Kodwa noma kunjalo, impela asizange sidlale kahle namuhla. Angijabule ngendlela abanye babadlali abadlale ngayo.
“Kodwa kumele sibasize ukuze bavuke. Sinomunye umdlalo neChippa United ngempelasonto okumezele sizame kakhulu kuwo.
“Siwadinga ukwedlula wonke amanye amaqembu njengamanje. Kumele siwalwele,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Abalandeli kufanele ukuthi sebekhathele yilezi zaba ezilokhu zibekwa yilo mqeqeshi qede angabuyi nezisombululo zazo emdlalweni olandelayo.
BUKA: Sezikhala ku‘loud speaker’ kwelizodlala neDowns
IChiefs izovakashela iChippa United emdlalweni olandelayo eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo emini.

