EzakamuvaInkulisa

Ubukela kuMbokazi wePirates ukaputeni weBomvini enqobe iNtokozo Myeni Under 15

SIHLE NGUBO

Uzifela ngoMbekezeli Mbokazi yize esaphotha iKaizer Chiefs ukaputeni weBomvini FC, uMluleki Nkwanyana, enqobe iNtokozo Myeni Under 15 Tournament, eNgwelezane Sports Field, ngoMgqibelo.

Bese kungokwesithathu kulandelana iBomvini inqoba lo mqhudelwano odlalwa minyaka yonke obese usingathwa eNgwelezane okwesihlanu.

IBomvini ishaye iNQ Barcelona FC ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu.

“Kusho lukhulu lokhu kimina. Ngiyabonga kubaqeqeshi nasesikoleni, nabantu abangigqugquzelayo,” kusho uNkwanyana oneminyaka engu-15.

“Ngifuna ukuzuza inhlonipho ngidlale nebhola elihle, ngidlalele amaqembu amakhulu. Ngifisa ukuthi ngihloniphe wonke umuntu nami ngakhe umuzi wami, ngibe nabantwana.”

UNkwanyana uthe ekhaya bayameseka kakhulu ukuthi adlale ibhola, wase eveza abadlali abathandayo kunobhutshuzwayo.

“Ngithanda uJude Bellingham (weReal Madrid) phesheya, bese kuthi kuleli ngithande uMbekezeli Mbokazi.

“Mina ngisaphotha iChiefs kodwa ngithanda imvelaphi kaMbokazi lapho esuka khona.”

Umhleli wale midlalo, uNtokozo Myeni, uthe konke kuhambe ngohlelo wase ebonga abamesekile ukuthi umqhudelwano ube yimpumelelo.

“Kulo nyaka umqhudelwano ubuhlanganisa iminyaka emihlanu wasungulwa, besinamaqembu angu-14 abeqhudelana,” kusho uMyeni.

“Siyabonga kakhulu ukuthi inkakha yeMamelodi Sundowns ubaba uMike Ntombela, besinayo ukuzobheka ikhono labantwana.

“Inhloso yethu kakhulu ukusiza abantwana ukuthi ikusasa labo libe lihle liqhakaze ebholeni lezinyawo.

“Sibabone kusasa bedlalela iKaizer Chiefs, i-Orlando Pirates, iMamelodi Sundowns namanye amaqembu ePremieship.”