UMotswari usabawela ukuphoxa iPirates ngegoli
UBen Motshwari uthi unesilonda enhlizweni yakhe ngokungakhoni ukushaya amagoli uma ebhekene neqembu lakhe elimbolekisile, i-Orlando Pirates.
Lo mdlali wasesiswini ukuMaZulu FC njengamanje kanti ubolekiswe yilezi zinkunzi zaseSoweto kuwo.
Useke wabhekana nePirates kodwa akangakwazi ukuyivezela ukuthi yenza iphutha ngokumbolekisa.
“Kuletha ingcindezi kimina ngaleyo ndlela ngoba okusho ukuthi ngiyahluleka ukushaya amagoli,” kusho yena.
“Baningi abadlali kwiDStv Premiership abangakhoni ukushaya amagoli uma bebheke neqembu abebelidlalela kudala.
“Umdlali kuyamjabulisa uma ngabe eshaya amagoli eqenjini lakhe lakudala,” kusho lo mdlali wasesiswini odabuka eRandfontein, eGoli.
UBen Motshwari uvele akayena umdlali onenhlanhla yokushaya amagoli.
Nokho uzothola elinye ithuba lokulungisa leso simo uma sebebhekene nePirates emdlalweni weNedbank Cup ngoMgqibelo ebusuku.
IPirates izoya kulo mdlalo izethemba kulandela ukubuyela efomini ngendlela emangalisayo ibhaxabula iGolden Arrows ngo 7-1 emdlalweni odlule.
UMotswari uyafunga ukuthi ngeke kubenze bona lokhu okwenzeke komakhelwane babo Abafana Bes’thende.
“Ngeke nhlobo siyivumele i-Orlando Pirates ukuthi isenze isilo sengubo njengeGolden Arrows.”
FUNDA NALA: Ibambene ngezihluthu eCameroon kubangwa umqeqeshi
IPirates iyona iqembu elingomphetha abavikela le nkomishi yeNedbank Cup.

