EzakamuvaIbhola

Kuduma iParis emakhanda abadlali beBanyana

IBanyana Banyana idinga wonke amava engaba nawo enkundleni uma seyitholana phezulu neNigeria emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic ngoLwesihlanu.

Nakanjani bakhona abadlali abanamava eqenjini likaDesree Ellis, kanti omunye wabo uNomvula Kgoale weTS Galaxy Queens.

Amava alo mdlali awabuzwa njengoba eseke wayibamba e-USA iminyaka eyisithupha yonke edlala ibhola.

Useke wadlalela iLindsey Wilson Blue Raiders (yaseColumbia, eKentucky), iTyler Apaches (eTexas) neLouisiana Tech Ladies Techsters (eLouisiana).

UKgoale udlalile nakwiCacereno Femenino neCD Parquesol, okungamaqembu aseSpain, ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika ajoyine iTS Galaxy Queens.

“Nakanjani lona wumdlalo omkhulu futhi ngicabanga ukuthi kuzoya ngokuthi yiliphi iqembu elidlala kahle osukwini, ngoba womabili mahle,” kusho uKgoale.

“Sinabadlali abaphezulu kanti nabo ngokunjalo. Emidlalweni esisanda kuyidlala sibuye nemiphumela emihle.

“Sikulungele ukuqhubeka nomgqigqo wethu bese sibone ukuthi kwenzekani. 

“Nokho into ebalulekile ukuzibekisela indawo kuma-Olympic.”

Lo mdlali wazi kahle ukuthi ukuyodlala neNigeria enkundleni yayo, phambi kwabalandeli bayo, akuyona into elula.

“Esikufunayo ukungena enkundleni senze umsebenzi bese siya eParis,” kusho lo mdlali.

“Sizodlala neNigeria ukuze sithole ithikithi eliya kuma-Olympic, yini enye engasigqugquzela.

“Lona umdlalo webhola wabesifazane omkhulu ezwenikazi i-Afrika.”

“Ukudlala ekuhambeni kuzoba nzima. INigeria iyashisa kodwa kumele siqinisekise ukuthi uma singena enkundleni sibuya nomphumela omuhle. Yilokho nje okumele sikwenze.”

Ompetha base-Afrika bazobhekana neNigeria ngoLwesihlanu eMoshood Abiola Stadium, ngo-6 ntambama ngokwesikhathi sakuleli.