EzakamuvaIbhola

‘Ngeke ngisifake isicelo somsebenzi kwiChiefs,’ kusho uPitso

SIHLE NGUBO

Njengoba iKaizer Chiefs ingenaye umqeqeshi, kubhekiwe ukuthi ngabe yimuphi ezomqasha ukuthi athathe izintambo ngokuphelele ngesizini ezayo.

Njengamanje kuMakhosi kubambe uKhalil Ben Youseff noCedric Kaze, njengabaqeqeshi besikhashana kuze kuphele isizini.

Lokhu kulandela ukushiya kukaNasreddine Nabi waseTunisia, okunguyena obengumqeqeshi weChiefs kuqala isizini.

UPitso “Jingles” Mosimane ungomunye wabaqeqeshi abangenamaqembu okwamanje, okubhekiwe ukuthi iChiefs ikhulume nabo.

Nokho lo mqeqeshi, ozakhele igama kwiMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, usekubeke kwacaca ukuthi yena ngeke asithumele isicelo kwiChiefs.

Ekhuluma noThabiso Mosia kwiRadio2000, lo mqeqeshi uphonsele iChiefs inselelo yokuthi iqhamuke nohlelo oluqondile uma imdinga.

“Kumele ukhumbule ukuthi ngikuleli zinga engikulona manje,” kusho uMosimane.

“Angisazifaki izicelo zomsebenzi futhi lokho akusho ukuthi ngiyazikhukhumeza.

“Kumayelana nokuhlela futhi kumele ungikhombise uhlelo onalo.”

IChiefs isayinise inqwaba yabadlali ekuqaleni kwesizini kodwa kubukeka sengathi into eyidingayo umqeqeshi onamava.

“Njengoba ngikhuluma nawe nawe namuhla, kungenzeka kusukela noma yinini manje ngibe neqembu,” kuqhuba uMosimane.

“Cisho njalo emasontweni amabili kuneqembu elikhona elifuna sixoxe sisebenzisane.”

IChiefs isendaweni yesine kwilogi ngamaphuzu angu-24, emidlalweni engu-13. Isele ngamaphuzu amane kwi-Orlando Pirates ezihola phambili ngawu-28.

Leli qembu laseNaturena lisekhona kwiCAF Confederation Cup, esifinyelele emidlalweni yamaqoqo.

Amakhosi awamile kahle kuGroup C, ngemuva kokushaywa emdlalweni owodwa ekuhambeni nokudlala ngokulingana owesibili.

IChiefs ivale unyaka ngokubambana neTS Galaxy ngo 0-0, kanti izovula unyaka omusha ngokubhekana neLamontville Golden Arrows ngoJanuwari 20.