ISwallows iveza okusha ngecala elifakwe yiSpurs
Seyiphunyulile iMoroka Swallows emgogeni obungayidudulela ezembeni njengoba icala ebelifakwe yiCape Town Spurs selihoxisiwe.
ISpurs beyifake isikhalo ngokubhaliswa kwabadlali abathile beSwallows ngaphambi komdlalo walamaqembu ngempelasonto.
Lo mdlalo wagcina unqotshwe yiSwallows ngo 1-0, kodwa iSpurs yayidlale inezinkonondo esizibhalisile.
Isikhalo seSpurs sasisuka ekutheni iSwallows yaxosha abadlali ababalelwa ku-22, abanye babuya sebenezinkontileka ezintsha.
Nokho iSpurs ikubuka ngelinye iso lokhu, futhi ngokubika kwe-iDiski Times, akwenziwanga ngendlela efanele.
Ngamanye amazwi akulandelwanga imigudu efanele yePSL ngesikhathi isibabhalisa kabusha.
ODaniel Akpeyi, Thakasani Mbanjwa, Mthokozisi Shwabule, Sipho Sibiya, Lantshane Phalane, Givemore Khupe, Lindokuhle Mtshali, Kwanda Mngonyama noTlakusani Mthethwa babuyiswe ngemuva kokuxoshwa.
ISwallows beyisidlale imidlalo emihlanu yeligi kusukela lapho, kanti inqobe owodwa, yadlala ngokulingana kowodwa.
Nokho ngoLwesine ntambama leli qembu laseSoweto selimemezele ukuthi iSpurs isihoxisile isikhalo sayo.
FUNDA NALA: Ayicaci ibhekephi iPirates kaJose Riveiro
“ICapeTown Spurs isisihoxisile isikhalazo sayo ngeZinyoni zaseDube,” ibhalwe kanje ezinkundleni zokuxhumana.

