EzakamuvaIbhola

Ayicaci ibhekephi iPirates kaJose Riveiro

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uqale isizini kubhekwe ukuthi akhuphulele iqembu kwelinye izinga ngemuva kwesizini yakhe yokuqala ebithembisa.

Kwisizini yakhe yokuqala, uJose Riveiro unqobe izindebe ezimbili waphinde walala isibili kwilogi yeDStv Premiership. 

Uthathe iqembu waya nalo ngakubo eSpain ukuyolungiselela isizini la lifike lenza kahle, labuya amathemba ephezulu ukuthi iMamelodi Sundowns izoke ithole inselelo. 

Nebala isizini iyiqale kahle, kushaywa amagoli njalo, ikakhulukazi uZakhele Lepasa, obesefomini enhle ngaleso sikhathi.

Ukwazile nokuvikela ngempumelelo isicoco seMTN8, kodwa ukusuka lapho iqembu alibonakali lithuthuka. 

Ukulimala kwabadlali, ukwehlelwa yifomu kube nomthelela ekwehleni kwePirates kule sizini –  lokho ngeke kuphikwe. 

Abalandeli bebenethemba lokuthi kuzoba noshintsho emzuliswaneni wesibili wesizini.

Kodwa ukudlala ngokulingana kweMoroka Swallows neCape Town Spurs kushiye imibuzo ngamaqhinga kaRiveiro..

“Ukulwela indawo yesibili (kwiligi) kuzoba nzima. Kunamaqembu ehlukene asefomini enhle kakhulu,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo weSwallows.

“Nawo anesifiso sokuba khona (ukuqeda isibili kwilogi). Ngicabanga ukuthi kuzoba wumqhudelwano ojabulisayo… 

“Kungenzeka ozoqeda kule ndawo agcine ehlaluke ngosuku lokugcina (lwemidlalo yeligi). 

“Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi okungenani siqede endaweni yesibili.

“Kuyinhloso yethu, sifuna ukuya e-Afrika ngesizini ezayo, kodwa okwamanje kumele sigxile kwi-Arrows esizobhekana nayo emdlalweni olandelayo. 

“Amaphuzu amathathu… sizowalwela. Kuzoba nzima. Kodwa abafana abasendlini yokushintshela abajabulile ngoba ziningi izinto ezenzekayo enkundleni.”

UJose Riveiro kuzomele azibambe ziqine kwi-Arrows ngoba ikhomba ukuvuka ngemuva kokubuyiswa kukaSteve Komphela.

Njengoba ingakahlulwa emidlalweni emithathu, kusukela ebuyile uKomphela, ukushaya iPirates kungaba yinto enkulu.