UJele uveza okwakhubaza impumelelo kaMokwena kwiBucs
ALFRED NGUBANE
UHappy Jele, owayengukaputeni we-Orlando Pirates ukholwa ukuthi uRulani Mokwena akahlulekanga ukuqeqesha kuleli qembu kodwa wakhutshwa abathile.
Le nsephe edlale isikhathi eside kweZimnyama ishiye kumasizini amabili edlule kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yayo.
IPirates yayifuna awagaxe emgibeni amakhokho ngemuva kweminyaka engu-18 edlala bese ethatha esinye isikhundla sokuphatha eqenjini.
Kodwa yena wakhala ngokuthi usafuna ukuqhubeka nokudlala, wabe esethathwa yiRoyal AM ahlale kuyo izinyanga eziyisithupha.
Manje useveze iqiniso ngokuthi yini eyenza uMokwena, osenempumelelo ebabazekayo kwiMamelodi Sundowns ahluleke kuleli qembu.
UMokwena wafika ezosebenzisana noMicho Sredojevic kwiPirates, yena eyiphini.
Kwathi uma uMicho eshiya isigubhukane, kwathatha yena uMokwena ekuqeqesheni leli qembu.
Kodwa wagcine ebolekiswe kwiChippa United kulandela ukuqashwa kukaJozef Zinnbauer.
UJele uthi unto eyenza uMokwena angaphumeleli kulesi sikhathi asiphatha kwiPirates abadlali abathile abebemeya.
Uthi kukhona abadlali bePirates ababengamuzwa kahle ngenxa yokuthi akalidlalanga ibhola elikhokhelayo.
“Abanye babedala kunaye ngeminyaka sebeqeqeshwe ngabaqeqeshi abadala abanamagama amakhulu ebholeni,” kusho uJele.
Uthe yena njengokaputeni wayezama ukuqondisa lesi simo kodwa kusho khona ukuthi kunabangaphakathi abamphazamisayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMokwena wake wacishe wabambana ngezandla noThamsanqa Sangweni bebanga khona ukuthi omunye akafuni ukulalela omunye.
FUNDA NALA: ISwallows iveza okusha ngecala elifakwe yiSpurs
Kumanje ke uMokwena ugila izimanga kwiSundowns esidlule emidlalweni engu-40 yeligi ingahlulwa kusukela aphatha.

