AmankomaneEzakamuva

Ithuba eliyingqayizivele kumhleli wezimpi uNomvelo 

Unyelwe yinyoni esandleni umhleli wezimpi wesifazane wakuleli okhula ngesivinini uNomvelo Magcaba-Shezi.

Le ntokazi yaseMgungundlovu seyimenywe ngumengameli weWorld Boxing Council, uMouricio Sulaiman emhlanganweni azoba nawo maduze. 

UNomvelo ngumhleli wezimpi wokuqala wesifazane kuleli oqhathe ibhande leWBC.  Ubeqala futhi ukuqhatha  izimpi ezineyebhande leWBC. 

Ubeqhathe uThabiso Mchunu noYamila Alberto Peralta wase-Argentina noThulani Mbenge noLeandro Fonseca wase-Argentina.

Lezi zimpi bezise-eThekwini Olive Convention Center ngaseNorth Beach. UNomvelo uqopha umlando omusha esibhakeleni kuleli. 

Manje umengameli weWBC uhlabeke umxwele ngezimpi ebezihlelwe nguNomvelo. 

USulaiman uthi ubengalindele izimpi zeqophelo eliphezulu kakhulu njengoba ubeqala ukuqhatha izimpi zebhande leWBC nelihlonishwa umhlaba wonke. 

Kuleli babili kuphela abashayisibhakela abanqoba leli bhande okungoSugarBoy Malinga noDingaan “Rose of Soweto” Thobela. 

UThabiso Mchunu usezame amahlandla amathathu kodwa wahluleka kanti uThulani Mbenge usazame kanye futhi usenalo elinye ithuba lokulwela lesi coco somhlaba.

Wazibeka ethubeni elihle ngesikhathi eshaya uLeandro Fonceca wase-Argentina.