Sekushone umdlali weChiefs odutshulwe edunwa imoto
Sekuvele izindaba ezibuhlungu ekhempini yeKaizer Chiefs njengoba kunemibiko yokuthi kunomdlali oseshonile ngemuva kokudutshulwa.
Imithombo yeMpempe isisixine ngapha nangapha isibikela ukuthi kunomdlali waleli qembu oshone ngoLwesithathu ntambama.
Igama lakhe ngeke silidalule okwamanje njengoba iqembu nomndeni kungenzeka ukuthi abakaziswa.
Kodwa sekugcwele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lo mdlali obesanda kusayina kuleli qembu udutshulwe wafa ngoLwesithathu.
Ngokuthola kwethu ubedunwa imoto ngesikhathi eficwa yisikhathi sakhe sokugcina kulo mhlaba.Â
FUNDA NALA: ‘Ufunde lukhulu’ uPitso esibhaxwini se-Al Nassr
Imininingwane ephelele sizobuye siyishicillee uma ivela. IChiefs ibingakasho lutho ngalokhu.

