UFloyd Mbele ulaxaze iPirates, angase avumbuke kwelaseLimpopo
Isikhulu ebese sihlale isikhathi eside kwi- Orlando Pirates, uFloyd Mbele, sesishiyile kuleli qembu laseSoweto.
Lokhu kuqinisekiswe yilona leli qembu esitatimendeni esingabanga side ngoMsombuluko ntambama.
UFloyd Mbele bese kufana nokuthi yikubo kwiBucs njengoba ebengesinye sezikhulu ebese sihlale isikhathi eside eqenjini.
“Singakuqinisekisa ukuthi i-Orlando Pirates ikwamukele ukusula kwesikhulu uFloyd Mbele. Simfisela okuhle kodwa lapho eya khona,” kusho isitatimende sePirates.
Lezi zindaba kufuze ukuthi zizokwamukelwa ngendlela engafani abalandeli baleli qembu elidlalela e-Orlando Stadium.
Kukhona vele abebebuye bashaye amakhala ngoMbele bemsola ngokuxova izinto kwiBucs behlangene noStanley “Screamer” Tshabalala.
Bekuvela ukuthi laba bobabili babuye bagxambukele emsebenzini womqeqeshi, ikakhulukazi ekusethweni kwesikimu.
Yize lezi zinsolo kungaziwa ukuthi ziyiqoniso kangakanani kodwa kukhona abaqeqeshi asebeke basebenza kweZimnyama abakhala ngobuhlathi nokuyekelelwa kwezikhulu ezithile ukuthi zigxambukele lapho zingangene khona.
FUNDA NALA: UKhuliso Mudau uvuma eyokukhathala kwabeSundowns
Impempe seyithole ukuthi uFloyd Mbele ushiya kwiPirates nje kuvele kuneqembu leDStv Premiership abesebuye ayosiza kulo.
Kungenzeka ke ukuthi manje usezoysebenza kwiSekhukhune ngokugcwele njengoba ebelokhu ebasiza abaphathi bayo ezintweni ezithile.
Ukushiya kukaMbele kwiPirates kuqinisa nokwashiwo nguSinky Mnisi owathi nguye ozobe eshaya umthetho kulel qembu ngesizini ezayo.
Impempe yakubika lokhu ngesikhathi uMnisi ayeqoshwe ekhuluma nabangani bakhe ngokuthi useqede konke no-Irvin Khoza ngokuya kwiPirates.
Wathi kwakule sizini uvinjwe wukuthi bekungeke kubukeke kahle kuShauwn Mkhize weRoyal AM ukuthi ashiye kuye aye kwiPirates.