EzakamuvaIbhola

Kuvela okuzokwenza kuhlehliswe oweCity noSuthu eKapa

Abalandeli bebhola sebeyalelwe ukuthi bangalinge balubhade eDHL Cape Town Stadium, ngeSonto ntambama, emdlalweni weDStv Premiership.

Kulo mdlalo kumele kutholane iCape Town City naMaZulu ngo-3 ntambama kodwa isimo sezulu sishintshile kakhulu.

“Ngenxa yesimo sezulu esilokhu siba sibi kakhulu, nokucabangela ukuphepha kwabalandeli nabasebenzi, abalandeli ngeke bavunyelwe ukuyokwethamela umdlalo wethu naMaZulu, njengokusho kophiko olubhekelele izinhlekelele,” kusho isitatimende seCape Town City.

Njengoba kusele amahora ambalwa ukuthi umdlalo uqale, kukhona ukungabaza ukuthi umdlalo uzogcina uqhubekile.

“Abalandeli asebevele bawathengile amathikithi kuzoxhunyanwa nabo kungekudala,” kuqhuba isitatimende.

“Isimemezelo sizokwenziwa maduze ngokubambisana nePSL mayelana nokuthi umdlalo mhlawumbe ugcine uhlehlisiwe.”

Izulu alilihle cisho eNingizimu Afrika yonke njengoba lina kakhulu.