Ezishaqisayo kwiChampionship, iLa Masia ivusa amacala anzima
I-NB La Masia ngeke idliwe yizembe ingazamanga zonke izindlela ukuzihlenga kulolu taku ekulo.
Leli qembu laseGauteng liqede endaweni ka-15 kwiMotsepe Foundation Championship, okusho ukuthi lidliwe yizembe.
Kodwa, ngokubika kweFARPost, selifake amacala amabili kwiPSL angaguqula yonke into, iLa Masia iphume ezembeni.
Kuthiwa iLa Masia ifake amacala amabili kwiPSL, imangalela iPretoria Callies neMarumo Gallants.
Isola iCallies ngokusebenzisa umdlali owahamba wayoshintsha iminyaka yakhe kwaNdabazabantu, uXolani Sithole.
Ithi uSithole uneminyaka engu-27, kodwa ngoba ushintshe iminyaka, usethathwa njengomdlali oneminyaka engaphansi kuka-23.
Udlale imidlalo engaphezu kwesishiyagalombili kwiCallies. Lokhu kusho ukuthi uma itholwa inecala iCallies, izophuca amaphuzu eyawaqoqa kudlala uSithole.
Akungabazeki ke ukuthi lokhu kuyoyishovela emsileni wale ligi, bese idliwa yizembe, kusinde iLa Masia.
Kwelesibili imangalele iGallants ngokusebenzisa umdlali obesedlale emaqenjini amabili ngaphambi kokuya kuleli qembu laseLimpopo.
Ithi uThapelo Dhludhlu ubesedlale emaqenjini amabili e-ABC Motsepe League ngaphambi kokujoyina iGallants ngoJanuwari.
Kubikwa ukuthi udlale imidlalo engu-10 kwiGallants, washaya amagoli amane.
Ngokwencwadi yeLa Masia eyibhalele iPSL ifaka leli cala, imithetho yeFifa ayivumi umdlali adlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa.
Kulindeleke iPSL ilihlalele maduze leli cala ukuze lingabambezeli ukuqala kwesizini ezayo kungaziwa ukuthi yimaphi amaqembu adliwe yizembe.
FUNDA NALA: UMakaab ucacisa ngekusasa lika-Olisa Ndah kwiBucs
Uma ilinqoba naleli cala, iMasia izobe isize nePlatinum City Rovers ukuvika izembe ngoba iGallants izodlelwa amaphuzu bese kukhala izembe.