OwoSuthu ucacisa eyenkundla abancikisene kuyona neBay
SIHLE NGUBO
UPhilani Ndlela, okhulumela AmaZulu FC, ucacisa eyokudlalela imidlalo yabo eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership.
Ngokoluhla olungaphelele olusaphumile, AmaZulu azodlalela eMlaza. Lokhu kushiye imibuzo ngokuthi ngabe ayayiyeka yini iMoses Mabhida Stadium, asekhethe ukuyompintsha iRichards Bay FC eKing Zwelithini Stadium.
INatal Rich Boyz idlalela imidlalo yayo eKing Zwelithini Stadium njengoba ingakalungi inkundla yayo, Umhlathuze Sports Complex. Sekuphele isikhathi esikhathi eside umasipala uMhlathuze uthembisa ukuthi le nkundla iyalungiswa kodwa kuze kube yimanje akukho okunyakazayo.
UNdlela uthe akukho okushintshile ngezinkundla abazozisebenzisa njengoba kuzoqala isizini entsha.
“IMoses Mabhida Stadium kuseyinkundla yethu yokuqala, ilandelwe yiKing Zwelithini Stadium, bese eyesithathu kube yiPrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Zibhaliswe kanjalo nje,” kusho uNdlela echazela intatheli yeMpempe.
“Okumele ukuqaphele ukuthi izinkundla osuke uzibona ohleni olusuke luwuhlaka lukhishiwe, zisuke zisengashintsha uma kungakashayi izinsuku ezingu-14 ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo.
“IMoses Mabhida yinkundla yethu yokuqala. Uma kwenzeka ukuthi kunomcinbi othile khona siya eMlaza. Nokho uma umdlalo wethu ushayisana noweRichards Bay siya ePrincess Magogo.”
Usihlalo weBay, uJomo Biyela, uzwakale ebalisa ngokungabi nayo inkundla eyikhaya labo, ngesikhathi ekhuluma noVictor Molefe kuKhozi FM, ngoLwesine.
“Bhuti Victor, sengake ngachaza ukuthi kuyomele nithole umuntu waseMhlathuze azokhuluma ngenkundla, ngoba mina ngeke ngisaphinde ngikhulume ngayo. Engikwaziyo ukuthi siyodlalela eKing Zwelithini Stadium ngoba ayikho inkundla eMhlathuze,” kusho uBiyela.
Ebuzwa ukuthi ngoba naMaZulu ayodlalela khona nje, uthe: “Asikaze sikuxoxe lokho kodwa nami ngikubone sengibona uhla. Enethunga ayisengeli phansi.
“Thina singabale KwaZulu. Siyancikiswa nje, ngakho siyakwemukela lokho. Koze kusilungele nathi ngelinye ilanga, mhla uMhlathuze wasibona isidingo sokuthi kulungiswe inkundla.”