EzakamuvaIbhola

IPirates idalula indlela emqoke ngayo ukaputeni wayo omusha

SIHLE NGUBO

Izinhlanhla zilokhu zimlandele njalo uNkosinathi Sibisi ongumdlali wasemuva we-Orlando Pirates, ophinde angasali uma kubizwa abadlali eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Lo mdlali, ofike kwiBucs evela kwiLamontville Golden Arrows, ngoLwesibili uhlabane ngomklomelo iBetway Premiership Defender of the Season, ngesikhathi iPremier Soccer League iklomelisa abadlali abenze kahle ngesizini edlule.

Akuphelanga namahora amangakhi iPirates yamemezela ukuthi uSibisi uyena ozoba ngukaputeni omusha weqembu njengoba kuqala isizini ka-2025/2026.

Lesi sikhundla sishiywe ngu-Innocent Maela ogaxe amakhokho akhe emgibeni ekupheleni kwesizini edlule.

UMaela waqokwa njengokaputeni weBucs ngo-2022, kulandela ukushiya kukaHappy Jele eqenjini.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiBucs, ukuqokwa kukaSibisi kusuka kubadlali njengoba kuyibona abavotile ngabodwana, nokuyinto eyisiko leqembu.

Ngemuva kwalokho kube sekuzicacela ukuthi isinqumo sabadlali sikhomba ukuthi uBhodlela, njengoba aziwa ebholeni, uyena ozogqoka ibhande likakaputeni.

USibisi uzwakalise ukuthobeka kakhulu ngokuqokwa njengokaputeni, abanye ozakwabo.

“Kuyinto enkulu neyingqayizivele ukumenyezelwa njengokaputeni walesi sikhungo esikhulu kangaka,” kusho uSibisi.

“Umsebenzi engiwamukelayo futhi ngethembisa ukuwenza ngendlela eseqophelweni eliphezulu kakhulu, ngokwamandla ami.”

USibisi uzosizwa uThapelo Xoki noMbekezeli Mbokazi, abaqokwe njengamaphini kakaputeni.

IPirates izodlala umdlalo wokuqala wesizini lapho izobhekana nePolokwane City kwi-quarterfinal yeMTN8, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

USibisi uzobe ehola iqembu okokuqala ngemuva kokumenyezelwa njengongene esikhaleni sikaMaela ngokusemthethweni.

Nokho uzobe engaqali ukugqoka ibhande likakaputeni njengoba uMaele ubengadli isikhathi esiningi ngesizini edlule.

UMaela usekhona kwiBucs kanti kuvela ukuthi usenikwe umsebenzi omusha ngaphakathi eqenjini.