UMdantsane uzobanika lokho abakubheke kuye kwiBafana: Ntseki
UMolefi Ntseki uyamethemba umdlali wakhe kwiKaizer Chiefs uMduduzi Mdantsane ukuthi unekhono elifanele ukuthi asize iBafana Bafana la imdinga khona.
UMdantsane ubizwe kuleli viki kwiBafana ukuzovala isikhala sikaPercy Tau ocele ukungabi khona kulokhu ngenxa yezizathu zakhe angazidalulanga.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos uthe uMdantsane umbona engaba wumdlali ongagcina evala isikhala sikaThemba Zwane kwiBafana ngokuhamba kweminyaka.
UMdantsane, uhlulekile ukusheshe azakhele igama kusukela efikile kwiChiefs esuka kwiCape Town City.
Kodwa ukwazile ukudlala imidlalo eyishumi kuleli qembu – emihlanu ungene umdlalo usuphakathi esuka ebhentshini.
Eqenjini lesizwe wayegcine ngo-2021, iBafana ibhekene neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022.
“NgoMdu Mdantsane, ngicabanga ukuthi kumele sikujabulele ukumbona ekhula futhi ebizwa eqenjini lesizwe.
“Ukudlala kwakhe eqenjini lesizwe kuzomnika amava azobuya nawo azosiza nakwiKaizer Chiefs, ikakhulukazi ukuqonda ingcindezi yokudlala kuleli qembu,” kusho uNtseki.
“Ngakho simfisela okuhle yena nabanye abadlali abaqokelwe eqenjini lesizwe, sifisa basebenze ngempumelelo.”
UMdantsane ngumdlali wesibili weChiefs okwiBafana. Ufice uSibongiseni Mthethwa phambili.
O-Edmislon Dove (Mozambique, Edson Castillo (Venezuela) noThatayaone Dithlokwe (Bostwana), nabo basemaqenjini esizwe ngakubo.
UNtseki uthi bonke abadlali beChiefs bahlezi benesifiso sokuthi baqokwe eqenjini lesizwe.
“Bonke abadlali beKaizer Chiefs, kungaba abakuleli noma abangaphandle, bahlezi bekubhekile ukubizwa emaqenjini esizwe.
“Ngicabanga ukuthi uMdantsane uzonika abaqeqeshi beBafana lokhu abakubheke kuye.
“Simfisela inhlanhla eqenjini lesizwe. Nalo iqembu silifisela okuhle njengoba lizoqala amalungiselelo e-Africa Cup of Nations.”
IBafana izogadulisana neSihlangu seMnikati, iqembu lesizwe laseSwatini ngoLwesihlanu, bese liya enhla ne-Afrika liyobhekana ne-Ivory Coast ngoLwesibili oluzayo.
FUNDA NALA: UMokwena ukhala ngokushoda kwesikhathi sokuzicija kwiDowns
Le midlalo ngeyokulungiselela imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, nomqhudelwano we-Afcon ozoba se-Ivory Coast ngoJanuwari.